UMMANGALELWA wokuqala ecaleni lokufa kukaSenzo Meyiwa, uMuzikawukhulelwa Sibiya, uthi amaphoyisa awamtholanga neselula ngesikhathi eboshwa.
USibiya ubechitha ubufakazi bukangoti wamaselula, uLieutenant Colonel Gideon Gouws othi, wahlola amaselula abamangalelwa wathola ukuthi babexhumana. UMeyiwa wadutshulwa wabulawa ekubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo eVosloorus, eGauteng, ngo-2014.
Bahlanu abalisa abashushiswayo, uMbuso uthi yibona abathengwa base bemphumela inqina uMeyiwa bamkakisa okwenyamazane bamjuqa. Bonke abamangalelwa bayawaphika onke amacala abethweswe wona.
UGouws uthe wathatha umsebenzi emuva kokuthi uLieutenant Colonel Lambertus Steyn ethathe umhlalaphansi. UGouws uthe watshelwa ukuthi uSibiya watholwa neselula ngesikhathi eboshwa nokuyiyona eyahlolwa ukuthi inabo yini ubufakazi obuhlobene necala.
Ummeli kaSibiya, u-Advocate Thulani Mngomezulu, uthe ayikho iselula eyatholwa ekhasimendeni lakhe. UMngomezulu uqale wadlana indlebe noSibiya obechaza nangezandla kummeli wakhe.
UMngomezulu ubuye lapho wathi ikhasimende lakhe alikaze litholwe neselula.
“Ngiyabuchitha ubufakazi bakho bokuthi amaphoyisa athatha iselula kuSibiya ngesikhathi eboshwa. Awunabo nobufakazi bemiyalezo noma uWhatsApp, abukho ubufakazi obukhomba ukuthi waxhumana nommangalelwa wesibili,’’ kusho uMngomezulu.
UGouws ubelokhu emile ekutheni imininingwane yokuboshwa kukaSibiya iveza ukuthi iphoyisa elambopha lamthola neselula eyathathwa ukuze ihlolwe.
UGouws uphinde wagadla kuKelly, wathi ubufakazi bukhomba ukuthi waxhumana nommangalelwa wesihlanu uFisokuhle Ntuli. Udaba lokuxhumana kukaKelly noNtuli luke lwavela phambilini, kwashaqeka abaningi.
UGouws uthe naye uthole ukuthi uNtuli waxhumana noKelly ngocingo ngo-Agasti 2, 2014, baxoxa cishe imizuzu emibili, kuyoshaya u-11 ebusuku. Uthe baphinda baxhumana futhi ngo-Okthoba, baxoxa ngocingo.
Ngesikhathi kwethulwa ubufakazi, abamangalewa bebelokhu bexoxa sakuhleba babuye bahleke abanye banikine amakhanda. Bebebuye babonakale bethe njo kufakazi obekhuluma, sabantu abafuna ukuzwa kahle.
UMbuso uthe kusazoza ufakazi osuka enkampanini ehlinzeka ngosizo lwamaselula ezolandisa inkantolo ngalokhu okuqukuthwe amaselula abamangalelwa.
Kulindeleke ukuthi icala libuyele enkantolo namuhla abameli baqhubeke nokuphosa imibuzo ufakazi.