USIZI luzwa olunye emndenini wasoShabeni, ePort Shepstone, osushonelwe elinye ilungu lawo emuva kokumuka kwamabili ngezikhukhula zakamuva eThekwini.
UMnuz Siphamandla Mbhele ushone ngoLwesine ebusuku esibhedlela iKing Edward VIII, ethathwa ukugula okumvuke isigubhukane.
UMbhele ubekade engomunye wabantu obekucingwa nabo emfuleni iCato Crest, eMayville, labo abamukile kuhlanganisa nezihlobo zakhe uNksz Nomfundo Mbhele (27) noSisanda Mbhele (12).
Lo mndeni usithole emakhazeni kahulumeni asePhoenix, ngoMgqibelo isidumbu sikaSisanda.
Ilungu lalo mndeni, uNksz Ayanda Mbhele, lithe baphithene amakhanda ngoba konke okwenzekile kubazumile bewumndeni.
Lo wesifazane uthe uMbhele wakhala ngokungaphili kahle nangokukhathala, waphuthunyiswa esibhedlela lapho eshonele khona.
“Sididekile ngoba ukushona kukaSpha kwenzeke ngesikhathi sisathungatha amanye amalungu omndeni amukile. Ubengakhombisi izimpawu zokugula, ubezifanela nathi sonke esizikhathazekele,” kulandisa ilungu lo mndeni.
Lidalule nokuthi akakatholakali uNomfundo ingane yakhe yentombazane eyasindiswa wukugaxela esihlahleni yabambeka ngesikhathi bemuka ngoLwesibili.
IKhansela lendawo, uMnuz Musa Dlamini, lithe zine izidumbu zabantu ezisatholakele. UDlamini qhube wathi kunabantu ababili abangakatholakali okumanje ithimba labatakuli elisabathungatha.
UDlamini uthe izidumbu zitholakale echwebeni lwasolwandle (eMtateni) nakwaTransnet eBayhead, eThekwini.
“Impela ukhona owesilisa owamukelwa yizihlobo zakhe ngezikhukhula ogcine eshonile. Siyazwelana nemindeni eshonelwe futhi amathimba abatakuli azoqhubeka afune abangakatholakali,” kusho uDlamini.
Unxuse abantu ukuthi bapheze ukwakha imijondolo ezindaweni eziseduzane kwezimihosha nemifula ngoba lokho kubeka impilo yabo engcupheni uma lina izulu.
UDlamini uxwayise nabantu abafike bahlomule ngezindlu zemixhaso kahulumeni bese beyazishiya babuyele lapho besuswe khona bayogxumeka imijondolo abaqashisa ngayo, wathi abawuyeke lo mkhuba.
UMnuz Siboniso Mngadi, ongumkhulumeli woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uthe alukho ushintsho ezibalweni zabatholalakele abamuka ngezikhukhula.