USALE zabiwa izikhundla obengunobhala jikelele weMK, uMnuz Floyd Shivambu, njengoba eshiywe ngaphandle emagameni abantu abazojutshwa yiqembu ePhalamende.
I-MK ikhiphe uhlu lwamalungu amasha ayisishiyagalolunye azofungiswa ngoLwesithathu, ePhalamende.
Igama eliqaphelekayo kulolu hlu ngolwaloyo okade ewa evuka nomholi weMK, uMnuz Jacob Zuma, uMnuz Nkosentsha Shezi.
UShezi ubehlezi ephambili ekwesekeni uZuma kusukela ngesikhathi esakwi-ANC.
UShezi, owayeyingxenye yabantu ababezibiza ngaRadical Economic Transformation Forces kwi-ANC, wayephambili ekuhleleni imicimbi yokweseka uZuma uma evela ezinkantolo ngesikhathi i-ANC ikhiphe umyelelo wokuthi amalungu ayo angayi ukuyokweseka abaholi ababhekene namacala ezinkantolo.
UShezi wayengabanye babantu ababephambili ekwesekeni uZuma ngo-2021, ngesikhathi ebhekene nokuboshelwa icala lokwedelela umyalelo weNkantolo yoMthethosisekelo.
Ngo-2023, uShezi waba ingxenye yokusungulwa kweqembu elaliholwa omunye owayeseka uZuma, uMnuz Carl Nehuis, i-African Radical Transformation Alliance.
UShezi wabuye wajoyina iMK emva kokuvalwa kwe-ARTA eyavalwa emva kokuba uNehuis ejoyine i-EFF.
Elinye igama eliqaphelekayo ohlwini lweMK elaloyo obeyilungu le-EFF ePhalamende, uNksz Khanyisile Litchfield.
UNksz Litchfield walaxaza i-EFF wajoyina iMK ngesikhathi kushiya inqwaba yabaholi abaqavile kwi-EFF bejoyina iMK.
UShivambu akabonwa nangalukhalo kulolu hlu. I-MK yayikade ithembise ukujuba uShivambu ngesikhathi imkhipha kwesikanobhala jikelele.
Ngeledlule, uShivambu uveze ukuthi ubuholi beMK buphinde bashaya ungqimphothwe kulesi sithembiso njengoba kukhona abaholi abakholelwa ukuthi ufuna ukuketula uZuma.
UShivambu uphezu komkhankaso wokuxoxa nabantu bakuleli, lapho efuna ukuzwa khona ukuthi sikhona yini isidingo sokuthi aqale iqembu elisha.
UShivambu uthe ngeke ashiye kwiMK yize esezinhlelweni zokuvula iqembu elisha.
I-MK ayikasho lutho ngoShivambu, kwagcina ngokuthi okhulumela iqembu, uMnuz Nhlamulo Ndhlela, akhiphe uShivambu eqoqweni lweMK lakuWhatsApp.
Izolo, uShivambu ubeqhubeka nokumemezela izinhlelo zakhe zokuhambela zonke izingxenye zakuleli lapho ezokuba ethatha khona imibono yabantu.
Emibhalweni ayifake ezinkundleni zokuxhumana, uShivambu unxuse abantu ukuba babe yingxenye yezingxoxo.