IPhini likaSihlalo loPhiko lwabesifazane lwe-IFP, uNkk Nonhlanhla Makhubo, uchaze uShenge njengomuntu obenozwelo obehlala ebeka phambili abantu besifazane. Uthe okukhulu manje nababhekene nako wukuthi abaholi abakhona bazozwelana yini nabesifazane.
“Esizokukhumbula kakhulu ngoShenge wukuthi ubezithobile futhi emesaba uNkulunkulu. Ukhumbuze uSihlalo we-IFP Women’s Brigade, uMntwana uPhumzile Buthelezi, ukuthi akalahlekelwanga yedwa.” kubeka uNkk Makhuba.
Uthe uMntwana uhambe enenhliziyo ebuhlungu ngendlela abesifazane abaziphatha ngayo nabaphuza ngayo. UNkk Makhubu uthe uma eqeda wacula iculo elimayelana nokujika, ethi abanye bazojikela eNkatheni, ilapho ekubonakale noDkt Mbuyiseni Ndlozi we-EFF naye edansa ejika.