SITHOLWE sesonakele, silahlwe exhaphozini elisosebeni lwedamu i-Henley, eMgungundlovu, isidumbu somfundi wase-Snathing Junior Primary, obesekuphele amasonto kubikwe ngokunyamalala kwakhe.
U-Asenathi Ngcobo (9), obefunda u-Grade 4 kulesi sikole, kuthiwa ugcine ukubonwa ngoJulayi 29, ephuma esikoleni njengoba isidumbu sakhe sitholwe silaxazwe kwenye i-ward eyibanga ukusuka lapho ebehlala khona, sisagqokiswe umfaniswano wesikole ngoMsombuluko ntambama.
Ngokulandisa kwekhansela lasendaweni okutholwe kuso isidumbu salo mfundi, uMnuz Mlungisi Zondi, lithe sitholwe obezilusela izinkomo. Uhlabe umkhosi kwase kubikelwa amaphoyisa ngokushesha nokuyilapho kutholakale khona ukuthi ingane okungasiyona eyasendaweni kodwa ngeyakwenye i-ward okukholakala ukuthi izigilamkhuba zayibulala maqede isidumbu sayo zazosilahla ngasedamini.
Kuthintwa unina kamgilwa uNksz Nondumiso Ngcobo, uthe ukuyigcina kwakhe indodakazi yakhe, babephuma edolobheni wayehlisa etekisini ababeligele ngenhloso yokuthi idlulele lapho ebihlala khona njengoba ubengahlali nayo, ihlala emzini othile eyacelelwa kuwo ukuze iqhubeke nesikole, okuvele ukuthi ayibange isafika.
UNksz Ngcobo uthe okwamanje akukavumi aphawule ngalolu daba wacela ukuthi intatheli ibuye imthinte.
Ikhansela lase-Snathing, uMnuz Sanele Zuma, ebelihambisana nothisha abebefundisa umgilwa ukuyobhonga emswaneni, lithe lesi sigameko siwethusile kakhulu umphakathi.
“Akusikhona okokuqala kuduka ingane itholwe isibulewe njengoba kuke kwenzeka eminyakeni emihlanu edlule. Umphakathi wethuke kakhulu ikakhulu njengoba kuthe kulo leli sonto, omunye umfundi obephuma esikoleni esinde ngokulambisa kwabebembhudubeza bemfaka emotweni ngenkani okukholakala ukuthi bebemntshontsha, kwasiza ukuqhamuka kukamakhelwane,” usho kanje.
Uthe bathole ukuthi umndeni wakwaNgcobo unesikhashana uthuthile endaweni emva kokuthi kubekhona abawuhlaselile kwakhona amalungu alimalayo. Uthe kuphoqe ukuthi ingane icelelwe komunye umuzi wakamakhelwane ukuze isale iqedele ukufunda kulo nyaka, njengoba seyehlelwa yilo mshophi. Kunemidlinzo yokuthi kungenzeka abebehlasela umndeni banesandla ekubulaweni kukamgilwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa asePlessislaer avule idokodo lophenyo ngokufa komuntu, kanti okwamanje imbangela yalesi sigameko ayikaziwa.