KUPHITHENE ikhanda kowesifazane olahlekelwe yisoka sebezoshada.
UNksz Nomkhuleko Mnguni, waKwaMakhutha, eThekwini, uthi wagcina ukubona umyeni wakhe uMnuz Bheki Dumisani Makhoba, ngoJulayi 26. Uthi ngosuku anyamalala ngalo, wasuka endlini ehamba nomngani wakhe ngemoto (kaMakhoba) bethi baya esitolo esisendaweni.
Uthi kwadlula izinsuku engabuyi ekhaya, engazi nokuthi uzobheka kanjani ngoba iselula yakhe wayishiya endlini ngoba ewumuntu ozobuya ngokushesha.
“KwakunguJulayi 29 ngiya emaphoyiseni aKwaMakhutha, ngiyobika ukuthi udukile. Athi angiqale ngimcinge ezibhedlela kuqala ngaphambi kokuthi ngizobika kuwona,” kuchaza uNksz Mnguni.
Uthi ukwenzile lokho, wambheka ezibhedlela zaseThekwini, kodwa wangamthola. Uthi ngo-Agasti 1, wavulelwa idokodo ngomuntu odukile. Uthi okumshaqisile ukutholwa kwemoto kaMakhoba kowesilisa waKwaDukuza, othe uyithenge komunye waseBallito.
“Kuthe uma elandelela amaphoyisa, owaseBallito waveza ukuthi uyithenge kwabesilisa ababili baseJacobs,” kusho uNksz Mnguni.
Uthi lokhu kumshayisa ngovalo ngoba akaqondisisi kahle ukuthi kungaze kudayiswe imoto yomyeni wakhe nje, ushonephi yena? Udalula ukuthi umngani ayehambe naye ngosuku agcina ukumbona ngalo, wayiveza indaba yaseJacobs, emaphoyiseni.
“Esitatimendeni asenza emaphoyiseni, washo ukuthi bagcina bedlulela eshisanyama eseJacobs, ngosuku engabagcina ngalo. Kodwa uthi bathi uma befika khona, bahlukana ngoba uMakhoba wajoyina abanye abangani bakhe. Umngani wabuya yedwa ngezimoto ezikhokhelwa ngebanga ezilihambile,” kuchaza uNksz Mnguni.
Ngokusho kwakhe sekuyamgulisa ukungatholakali komyeni wakhe futhi akufani noMakhoba ukunyamalala.
“Bekumele sishade ngoSepthemba 11. Unyamalala nje, amalungiselelo amaningi sesiwenzile. Indawo, ukudla, izimpahla ebesizozigqoka bese kulungisiwe,” kusho uNksz Mnguni.
Eqhuba echaza uthe ngokweselula kaMakhoba, wagcina ukukhipha imali ebhange lakhe ngosuku anyamalala ngalo, akakaze abuye akhiphe enye emva kwalokho.
Uthi bese kuphele iminyaka ewu-10 bendawonye kanti uMakhoba wayeyisosha, washiya eminyakeni edlule, wangena kwezamabhizinisi futhi ubengenanxa namuntu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe bangakuqinisekisa ukuthi umuntu odukile usafunwa amaphoyisa.
"Asikwazi ukuveza ulwazi oluningi ngaloludaba ngoba udaba olusaphenywa amaphoyisa," kusho uLt Colonel Gwala.