UMENGAMELI wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa uphatheke kabi ngesibalo esiphezulu sabafundi abaxabana nothisha bese beyeka izikole, bagcine bengasaqedanga ngisho u-matric.
URamaphosa uzwakalise lokhu ekhuluma eKliproos, kuMasipala waseDannhauser esifundeni saseMajuba, izolo. Ubeyokwethula khona izikole ezintathu ezakhiwe ngezigidi zamaRandi.
Uthe kulesi sikhashana beqalile bekhankasa bathole izinkinga emindenini eyahlukene, izingane ezineminyaka engu-17 ubudala kodwa ezingasifundi isikole futhi ezingawuqedanga no-matric.
“Uma ubuza ukuthi yini zingafundi, uthola impendulo ethi iyeke isikole ngoba kunothisha obengayiphethe kahle. Enye ikutshela ukuthi uthisha wayo ubeyizonda, yavele yashiya isikole. Bazali, sicela niyikhuze le nto ngoba akukwazi ukuthi sivumele izingane zethu zihlale emakhaya zingenawo uGrade 12. Ngeke uye ndawo uma ungafikanga kuGrade 12 ngoba yiwo okuvulela amasango kukhanye nekusasa lakho. Uma usuno-matric uyakwazi ngisho ukufaka izicelo zokufunda ezikhungweni zemfundo ephakeme noma uthole nethuba lokuyofunda phesheya.
Le nto ingiphethe kabi impela ngoba asikwazi ukuvumela izingane ezincane kangaka ukuba ziyeke isikole ngezizathu ezifana nalezi,” kusho uRamaphosa.
URamaphosa ubevula izikole ezintathu ezisesifundeni iMajuba naseZululand.
Esifundeni saseMajuba eKliproos kuvulwe iNhlahleni Primary, Ilembe Primary esise-Uitrecht eMadlangeni bese kuba Ingwe Phaphama Primary yaseVryhied, eZululand.
URamaphosa uthe okumchaza kakhulu ukuthi lezi zikole zakhiwe zabekwa ezingeni elidlula ezasemadolobheni.
“Lezi zikole ungafunga ukuthi ezase-England ngendlela ezinhle ngayo. Uma usungena phakathi ungathi use-Oxford University yakhona eNgilandi e-United Kingdom. Siyazi ukuthi bezikade ziwudaka phambilini. Okunye ukuthi silungisela uhlelo olukhulu lwezemfundo, oluzohambisana nesigaba esikuso manje okuyiFourth Industrial Revolution lapho umhlaba usungena esigabeni sokwenza izinto ngobuchwepheshe. Kulezi zikole kufakwe ubuchwepheshe besimanje ukuze izingane zivivele lesi sigaba esesingena kuso emhlabeni jikelele. Okunye okungijabulisayo ukuthi izingane zakulesi sikole zihlakaniphile, zikwazi ukukhuluma kahle isiZulu nesiNgisi, okukhomba ukuthi othisha bayasebenza ngempela,” kuchaza uRamaphosa.
Unxuse abazali ukuba babe ngabaqaphi bezikole, bavike ukuba zingacekelwa phansi noma zigqekezwe.
URamaphosa ubephelezelwa uNgqongqoshe wezeMfundo eyiSisekelo, uNkk Angie Motshekga, uNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Mthandeni Dlungwane, uNdunankulu osabambile, uMnuz Sihle Zikalala.
UZikalala uthe kuyaqala kulo hulumeni ukuba abantu bathole izikole ezinhle kanje.
UNkk Motshekga uncome ubuhlakani babafundi njengoba kukhona amnikeze ithuba lokwethula uMengameli wezwe, okunguNobuhle Mkhwanazi owenza uGrade 4 eNhlahleni Primary, oshiye abantu bebambe ongezansi.