UMENGAMELI we-ANC uMnuz Cyril Ramaphosa uvumile ukuthi inhlangano yakhe i-ANC yenze inqwaba yamaphutha kule minyaka edlule futhi izimisele ngokuzehlisa phambi kwabantu iwalungise ukuze babuyelwe yithemba kuyona.
URamaphosa usho lokhu ngesikhathi ephakathi nenkulumo yakhe emcimbini wokwethula komhlahlandlela wokhetho obusenkundleni iMoses Mabhida eThekwini ebigcwele phama kungekho nendawo yokubeka unyawo.
URamaphosa uthi kubalulekile ukuthi bangazikhukhumezi bavume umonakalo bese beqala-ke ukulungisa.
“Simatasa sizinuka amakhwapha thina njengenhlangano.Asiphiki ukuthi sishayisile ezintweni eziningi kodwa siyalungisa, wonke umuntu uyakubona lokhu. Sinikeni-ke ithuba sibuyisele izinto ngononina sisebenze siye phambili,” kunxusa uRamaphosa eshela abavoti.
Uthe isinyathelo sokuqala ukuthi abavoti baqome uKhongolose okhethweni oluzayo lukazwelonke, bese behlala bethule babuke balinde
ukuthi kuye ngamagama enkehli.
Uthe abantu abangakhohlwa ukuthi i-ANC isuka kude nabo, ngakho-ke abangayihlinzeli ezibini ngamaphutha ayo.
“Sifuna ukuqhubeka nemisebenzi esayiqala ngo-1994 kuze kube yimanje. Sizoyilungisa indaba yamathuba emisebenzi ngoba siyazi sikhulu isililo ngayo.
“Umnotho kufanele siwukhulise ngoba yiwona ozolekelela ukudaleka kwemisebenzi," kunxusa uRamaphosa.