Umengameli we-ANC, uMnuz Cyril Ramaphosa, uthi ngeke zilunge izinyoka ezingamaqembu amancane zakhe umbimbi lokuqumba phansi i-ANC.
URamaphosa usho lokhu emcimbini wokugubha iminyaka ewu-112 kwasungulwa i-ANC, eMbombela ngoMgqibelo emini.
Uthe i-ANC izosebenza ngamandla ukuqinisekisa ukuthi ilunqoba ngamalengiso ukhetho lukahulumeni kazwelonke kulo nyaka.
“Zikhona izinyoka ezakhe umbimbi oluhlose ukuqumba phansi i-ANC. Abanye bathi sizothola ngaphansi kuka-50% okhethweni, abanye basibeka k-30%. Ngeke i-ANC iwe, asiyi ndawo. Sithi kwabanesifiso sokusiqumba phansi, asiyi ndawo, sihleli lapha. Sizoqhubeka nomsebenzi wokuthuthukisa impilo yabantu baseNingizimu. Asibesabi, siyabafuna, abeze sibakhombise,” kusho uRamaphosa.
Uthe abafuni ukubusa ngokubambisana namanye amaqembu ngoba babonile ukuthi uhulumeni wobambiswano awusebenzi komasipala.
Ubalule ukuthi kuphazamisekile ukuthunyelwa kwezidingo komasipala.
Wathi ukuba kuhulumeni wobambiswano kufana nokuthi kupheshwa ngoshephisi ngoba zithi izinto zisahamba kahle kuqubuke izinkinga eziphazamisa ukuthunyelwa kwezidingo.
Ubalule ukuthi selokhu kwaphatha i-ANC impilo yabantu baseNingizimu Afrika ishintshe kakhulu, abantu abangu-4.7 million bahlala ezindlini abazinikwe wuhulumeni mahhala.
U-2 million walezo zindlu unikwe abesifazane.
Uthe i-ANC ilulethile uguquko kwezomnotho, yavulela abasebenzi amathuba kwezomnotho, yabanika iholo elingcono njengoba umthetho ungavumi ukuthi baholelwe ngaphansi kuka-R3 500.
Uthe bahlangene ngezikhathi ezinzima kwezomnotho emhlabeni jikelele njengoba kunezimpi, igebe lokungalingani phakathi kwabampofu nabacebile lilokhu lunyukile.
Uveze ukuthi iNingizimu Afrika izoqhubeka nokweseka iPalestine nabo bonke abacindezelwe.