UMENGAMELI Cyril Ramaphosa othi ngeke kusetshenziswe imali enkulu engxoxweni ngesimo sezwe
Image: Jairus Mmutle / GCIS
UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uthe bafuna ibe ngaphansi kakhulu kuka-R700 million, imali ezosetshenziselwa ukuhlela nokusingatha ingxoxo ngesimo sezwe.
URamaphosa uthe u-R700 million mkhulu kakhulu, wathi bafuna le mali yehliswe.
Ukusho lokhu ngesikhathi ephendula imibuzo ePhalamende, izolo.
URamaphosa uthe akukavunyelwana ngalo R700 million, wathi kuseyisiphakamiso nje sethimba elihola ingxoxo ngesimo sezwe.
"Ngibatshelile ukuthi inkulu kakhulu le mali abahlela ukuyisebenzisa. Lena imali esingenayo njengezwe. Ingakho ngifuna ukuthi incishiswe. Ngifuna ukuthi sigcine sisebenzise imali encane kakhulu kunalena eshiwoyo."
URamaphosa uthe ingxoxo ngesimo sezwe ibalulekile kakhulu njengoba ethe izoqhamuka nesixazululo ezinkingeni ezikhungethe izwe.
"Kuzokuba kungokokuqala siba nengxoxo ngesimo sezwe kusukela sathola inkululeko. Ziningi izinto okufanele sikhulume ngazo. Kunabantu balapha abasikhuluma kabi emazweni angaphandle. Lezo izinto okufanele sikhulume ngazo."
URamaphosa uphekwe ngemibuzo ngohambo lwakhe lwaseMelika lwangoMeyi, lapho khona ahlangana noMengameli wakuleliya zwe, uMnuz Donald Trump.
URamaphosa uchithe izinsolo zokuthi emva kwalolu hambo, elakuleli lazama ukuxegisela inkampani kasomabhizinisi owayengamathe nomlimi noTrump ngaleso sikhathi, uMnuz Elon Musk.
Uthe abaqondile ukuhlomulisa inkampani kaMusk ngokuxegisa umthetho ophoqa ukuthi zonke izinkampani zangaphandle ezisebenza kuleli, kufanele u-30% wabantu abaziphethe kube abakuleli.
"Akukho lapho siphule khona umthetho. Konke esikwenzile kuyahambisana nemithetho yakuleli. Futhi le nto esiyenzile asiyenziswanga ukuthi sifuna ukuhlomulisa inkampani eyodwa. Ziningi izinkampani ezizohlomula kulokhu. Ngithi angikusho nje ukuthi asisoze senza okuphambene nemithetho yakuleli."
URamaphosa uphinde wabuzwa ngezinkinga ezikhungethe omasipala bakuleli.
Uthe ukwehluleka komasipala ukusebenzisa imali abasuke beyabelwe, kuholela emibhikishweni yemiphakathi, wathi kufanele zithathelwe izinyathelo izikhulu zomasipala ezihlulwa wumsebenzi kanye nalezo ezenza inkohlakalo.
URamaphosa uveze ukuthi iyaqina eyokuthi kuncishiswe omasipala ukuze bezokwazi ukusebenza kahle.
"Bakhona labo abathi kufanele sinciphise isibalo somasipala. Uma kuncipha isibalo somasipala kusho ukuthi abanye omasipala bazohlanganiswa nomasipala abakwaziyo ukuqoqa imali. Lokho kuzokwenza ukuthi bonke omasipala bakwazi ukuzimela. Ngakolunye uhlangothi, kukhona abakhathazekile. Bakhala ngokuthi uma sinciphisa omasipala kuzokusho ukuthi abantu abasezukumeleleka kahle. Uma omasipala sebebancane kusho ukuthi bazokuba kude nabantu. Izingxoxo ziyaqhubeka."
Related Topics: