UMENGAMELI Cyril Ramaphosa usenxenxe abaholi bomdabu ukuthi basebenzisane nophiko lwezinhlekelele kuleli, ekululekeni abantu ukuthi bangakhi ezindaweni ezihamba amanzi noma eziseduzane nemifula.
URamaphosa uthe ukuguquguquka kwesimo sezulu, kushiya umonakalo omkhulu emiphakathini ehlukene.
Uthe muva nje, imvula ebihambisana nezikhukhula ishiye kukhalwa KwaZulu-Natal. Idlule nemiphefumulo ecela ku-10.
“Iqhaza labaholi bomdabu libaluleke kakhulu ekubambisaneni nohulumeni ekuxwayiseni umphakathi ngokuguquguquka kwesimo sezulu okunomthelela ongemuhle. Imvula e-KZN icekele phansi ingqalasizinda nemizi kwashona nabantu. Sizwelana nemindeni eyehlelwe yilo mshophi,” kusho uRamaphosa ekhuluma ngesikhathi evula iNdlu yobuHoli boMdabu ePhalamende izolo.
Uthe uma abantu begwema ukwakha ezindaweni ezingafanele ngeke bakhahlanyezwe yizikhukhula.
URamaphosa ubuye wagxeka nezehlakalo zokusocongwa kwabaholi bomdabu.
“Siyazigxeka izehlakalo ezandayo zokubulawa kwabaholi bomdabu. Izinhlaka zomthetho zisebenza ngamandla ukunqanda lesi sihlava,” kusho uRamaphosa.
Ubalule nokuthi abaholi bomdabu yibona abahlala emiphakathini ebhuqwa yindlala nsuku zonke.
“Le miphakathi iyona ethwele kanzima, ibhuqwa yindlala iphinde ibhekane nezinselelo zokuthi ayisebenzi. Izindawo zenu zibhekene nengwadla yokungathuthuki,” kusho uRamaphosa.
Ukhale nangombango okhona ebuholini bomdabu.
“Isikhathaza kakhulu eyemibango eba khona emindenini uma sekukhotheme inkosi, sekumele kungene omunye esikhundleni. UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, unezinhlelo zokusiza imindeni esuke ibanga. Lolu hlelo selusize imindeni engu-16, ngokwakha uhlelo okumele lulandelwe uma kukhotheme inkosi. Ngihlaba ikhwelo emakhosini ukuthi abe yingxenye yalolu hlelo.”
Uphinde wawanxusa ukuthi abe yingxenye yomkhankaso wokulwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.
“Amakhosi akumele avumele ukuthi kuhlukunyezwe abesifazane nezingane, kuthiwe wusiko. Udlame akulona usiko ngakho kumele lugxekwe,” kusho uRamaphosa.
Uthe kunohlelo oluholwa nguMnyango wezokuBusa ngokuBambisana, lokubuyekeza ekahulumeni wasekhaya.
“Ngijube iPhini likaMengameli uMnuz Paul Mashatile, ukuthi axoxe namakhosi ukuthi abe yingxenye yalolu hlelo ngoba sifuna umbono wawo.”