UMENGAMELI wezwe, uMnuzCyril Ramaphosa, ufunge wagomela ukuthi angeke isababikho indawo yokucasha kwabasolwa ngenkohlakalo embikweni weKhomishini ebiphenya ukuLawulwa koMbuso yiDlanzana.
Ukusho lokhu enkulumeni abeyibhekise ezweni izolo ebusuku, lapho ebecacisa khona ngezinhlelo zakhe nezikahulumeni ukulandela iziphakamiso ezenziwe kulo mbiko wekhomishini ebiphethwe yiJaji uRaymond Zondo, URamaphosa ubenale nkulumo kulandela ukuhambisa izimpendulo zakhe ePhalamende ngoMgqibelo, mayelana nombiko weKhomishini kaZondo.
Phakathi kwezinye izinto uRamaphosa athe usezinhlelweni zokuzibuyekeza ukuthi zenziwe, ngukusungulwa kwezinhlaka ezimbili ezizobhekana ngqonenkohlakalo.
“Lezi zinhlaka, yi-Anti Corruption Agency ezohlale ikhona, bese kubayi-Investigating Directorate Entity ezosungulwa ngaphans ikweNational Prosecuting Authaurity (NPA),” kusho uRamaphosa.
Uthe udaba lokusungulwa kwalezi zinhlaka kuzoba nezigaba ezahlukene zokuyiswa ezinhlakeni zikahulumeni nezomphakathi, ukuzwa imibono emazingeni ehlukene ngokusungulwa kwazo.
Uphinde wathi kuzosungulwa nekhomishini ezobhekana ngqo nenkohlakalo eyenzeka ePrasa.
Uthe abantu baseNingizimu Afrika akufanele bakungabaze nakancane ukuthi bonke abazibandakanya enkohlakalweni bazojeziswa.
Yize uRamaphosa engazange akhulume uhlelo olucacile ngohlelo lukahulumeni lokulandela iziphakamiso zekhomishini, ukuvezile ukuthi akuzona zonke iziphakamiso ezizolandelwa, ezinye zizocutshungulwa kabanzi.