SIDALE uqhekeko kumalungu enhlangano yothisha abangaqashiwe, i-KZN United Unemployed Educators, isenzo soMnyango wezeMfundo esifundazweni sokuqasha ngasese abanye babaholi bayo okuthiwa bathole izincwadi ezibakhomba ezikoleni ezithile, ngesonto eledlule.
Abanye bakholwa ukuthi lokhu kuphambene nesimemezelo esenziwe nguMphathiswa eMnyangweni, uMnuz Sipho Hlomuka, ngokushintshwa kohlelo lokuqasha othisha. Isimemezelo besithi zonke izikhala zikhangiswe ngendlela esobala evumela noma wubani afake isicelo, okuhlukile kobekwenzeka phambili njengoba bekudingeka kutonyulwe kuphela amagama aku-database yomnyango.
Umnyango ubuveze ukuthi lokhu ukwenza ngenhloso yokulwa nenkohlakalo ekuqashweni kothisha njengoba bekunezikhalo eziningi ngohlelo oludala, namalungu ale nhlangano abelugxeka kakhulu. Lungesinye sezikhalo esenze aqoka ukuyoqhinqa emahhovisi omnyango, eMgungundlovu kusuka ngenyanga edlule.
Nakuba kunjalo, Isolezwe lithole ukuthi iningi labebesekhaleni lempi kule nhlangano, yibona abathole izincwadi zokuqashwa ezibakhomba ezikoleni ezehlukene, ngaphandle kwesikhangiso esifakiwe.
UMnuz Mfanelo Mncube ongomunye wabaholi bale nhlangano, uthe abanye ozakwabo abamukele lezi zincwadi, bebethenjwe kakhulu ngamalungu.
“Sonke lesi sikhathi besilwela ukuthi kuphele inkohlakalo ekuqashweni kothisha. Kuyadumaza ukuthi ozakwethu ebisilwa nabo, bona futhi baqashwa ngendlela efanayo. Siyabahalalisela ngomsebenzi kodwa okwenzekile kushiya imibuzo kumalungu ukuthi akusiyona yini imizamo yokusivala imilomo? Kungabe izikhala zisazoqhubeka zikhangiswe na njengoba silindele ukuthi umnyango wenze njalo kusukela ngoLwesine (namuhla)?” usho kanje.
Uthe okubuhlungu ukuthi abathole izincwadi zokuqashwa abahlale beqhinqe eMgungundlovu, kanti basekwa ngeminikelo yenqwaba yamalungu asuke engakwazi ukuphumelela ngenxa yezizathu ezehlukene eziphoqayo, enikela ngemali ukuthi bakwazi ukudla nokukhokhela nendlu yesonto abalala kuyo.
Omunye wamalungu ongathandanga ukudalulwa, uthe bebekhokha imali esuka ku- R20 umuntu eyedwa ukuqinisekisa ukuthi ababamele eMgungundlovu abahlupheki, kanti emva kokuvela kwalezi zindaba, abanye sebenqume ukungayifaki imali ngoba bakholelwa ukuthi sebedayisiwe.
UMnuz Ndumiso Mngwengwe owuSihlalo wale nhlangano, uqinisekise ukuthi ungomunye wabamukele incwadi yokuqashwa kwakhe.
“Ebesikulwela sesikutholile. Besifuna ukuthi izikhala zikhangiswe ngendlela esobala okuyinto ezokwenziwa kusuka ngoLwesine. Uhlelo lokukhangisa luqala ngoLwesine, ngakho thina sisaqashwe ngohlelo lakudala lokufakwa kwemininingwane kwi-database,” usho kanje.
Ukuphikile ukuthi ukuqashwa kwabo yimizamo yokuvalwa imilomo, wathi basazoqhubeka noma sebeqashiwe ukulwela ukuthi iningi lothisha abahleli emakhaya baqasheke. Uthe okwenzekile, yikhona kanye abavumelene ngakho nomnyango ikakhulukazi bona abebeqhinqe eMgungundlovu, bedele amakhaza ukulwela amalungelo othisha abahleli emakhaya.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Muzi Mahlambi, ethunyelelwa imibuzo ngalolu daba, uthe sekukaningi bezwa ngezinsolo zokuqashwa kothisha, kodwa uma sekumele kutholakale ubufakazi akwenzeki.
Nakuba kunjalo, uMngwengwe ekhuluma neSolezwe uzivumele yena ukuthi ubengowokugcina ukwamukela incwadi yokuqashwa kwakhe, waveza ukuthi akusibona kuphela abaholi benhlangano abaqashiwe, kodwa kukhona nabanye bakwezinye izindawo.