UMSOLWA wesithathu ecaleni lokucwasa ngokwebala kulandela isigameko esenzeke eMaselspoort Resort, eFree State, ngoKhisimusi unikwe ibheyili kaR20 000 yiNkantolo yeMantshi yaseBloemfontein, izolo.
Le nkantolo inike ibheyili uMnuz Jacobus Claasen (48) ngemuva kokucubungula izethulo zakhe ecaleni, lapho ebeke khona ukuthi akasiyo ingozi yokuthi engabaleka kuleli, uyisakhamuzi ngokugcwele kanti uphinde abe usomabhizinisi endaweni.
UClaasen waboshwa nabanye abasolwa ababili kulandela isigameko sokushaywa kwamabhungu amnyama okuthiwa babewalela ukuba abhukude endaweni okuthiwa ibhukuda abamhlophe kuphela.
Ngesikhathi efaka isicelo sebheyili, uClaasen uthe unezingane ezine, uqashe abantu abayisishiyagalombili abamsebenzelayo ebhizinisini lakhe, futhi uzihambise yena emaphiyiseni emva kwesigameko, ngakho akakholwa ukuthi kungani inkantolo ingenqaba ukumukhipha ngebheyili.
Ngenkathi evele kafishane enkantolo, amalungu e-Azanian People’s Organisation (Azapo) namanye amalungu omphakathi abhikishe ngaphandle kwenkantolo. Amalungu eZapo abediniwe, athe abamhlophe abanonya nabacwasa abamnyama abanayo indawo kuleli.
UClaasen kulindeleke ukuthi aphinde avele ngaphambi kwenkantolo ngoJanuwari 25, ngonyaka ozayo.
Icala lihlehliselwe ukuze kuqhutshekwe kwenziwe uphenyo ngaleli cala osekuvele nama-video akhombisa abasolwa beshaya abagilwa abangabafana abancane.
UClaasen ubekwe amacala amathathu, elokuzama ukubulala, elokushaya nelokudicilela phansi isithunzi sabantu.
Asolwa nabo, uMnuz Johan Nel (33) waseBothaville noMnuz Jan Stephanus van der Westhuizen (47) waseBrandfort, okuthiwa nabo bashaya amabhungu, bewakhipha endaweni yokubhukuda, bona bavele enkantolo efanayo ngoLwesithathu kanti bona bakhishwa ngesexwayiso.
Bona babekwe icala lokhushaya nelokudicilela phansi isithunzi sabantu
Umdeni wabagilwa uqoke ukuthi umelwe omuye wabameli abasezingeni eliphezulu u-Advocate Zola Majavu.
UJabavu ekhuluma nabezindaba ngaphandle kwenkantolo, uthe abagilwa basethukile futhi basathola okwelulekwa ngokwenngqondo.
Uthe njengoba abagilwa kungamabhungu asemancane, umndeni wabo ucele ukuthi kube nguye ozokwengamela konke mayelana necala nokubakhulumela.
UJabavu uphinde waveza ukuthi uma icala liqhubeka, abezindaba angeke bavalelwe ngaphandle ngoba bafisa ukuthi kubikwe ukusuka nokuhlala kwaleli cala.