UPHIKE kwasani enkantolo izolo umsolwa wesibili ecaleni likaSenzo Meyiwa, uBongani Ntanzi ephonswa imibuzo.
UNtanzi ubesaqhubeka nokuphoswa ngemibuzo wumshushisi woMbuso u-Adv Ronnie Sibanda njengoba kuqhubeka ukubangwa kwezitatimende zabamangalelwa ababili, uMuzikawukhulelwa Sibiya noNtanzi okuthiwa bavuma ngazo icala.
Lapha kubhekwa ukuthi kufanele yini zamukelwe njengobufakazi benkantolo njengoba bethi bazisayinda ngaphansi kwengcindezi yokushawa nokuhlukunyezwa ngamaphoyisa.
Izolo uNtanzi uqale waphika eyokusayina wonke amaphepha lapho okuthiwa wayevuma khona icala, ethi lilodwa iphepha alisayina, nalo walisayina emva kokuthi ekhale ngezinto zokugeza nokushayela ucingo umndeni wakhe awazise ukuthi uboshiwe.
“Awuzange usayine isitatimende phambi kwakhe (imantshi uVivian Cronje) noma ubeke ama-initials akho?” kubuza uSibanda.
UNtanzi uphendule ngokuthi: “Mina ngasayina iphepha elilodwa utolika angitshela ukuthi liqondene nokuthi ngikhalaze ngokuthi angikaze ngigeze, ngidinga izinto zokugeza futhi ngidinga ukukhulunyiswa nomndeni wami.”
USibanda uphuthumise omunye umbuzo wokuthi kulo mqingo obekwe phambi kukaNtanzi kukhona ama-initials akhe emakhasini ayisishiyagalolunye bese kuthi kwelokugcina kube khona i-signature yakhe.
UNtanzi uphinde waphika eyokwazana no-Advo Ntokozo Mjiyakho ngesikhathi uSibanda eveza ukuthi wabuzwa ukuthi unaye yini ummeli, noma ufuna owoMbuso ngaphambi kokuthi enze isitatimende kuCronje, waphendula ngelithi ‘uMnuz Mjiyakho wummeli wami’.
Ephendula kulokhu uNtanzi uthe: “Ngiyakuphikisa lokhu. UMnuz Mjiyakho akakaze abe wummeli wami futhi angikaze ngiyisho leyo nto.”
USibanda usole uNtanzi ethi kwakufanele akuveze ngaleso sikhathi lokhu asho nokuthi udinga ummeli.
“Wuye (uMjiyakho) owatshela mina ukuthi uthunywe wumndeni wami, ngabe sengimbuza ukuthi uthunywe wubani emndenini wami ngoba kubona akekho owaziyo ukuthi ngiboshiwe.
Ngamyalela ukuthi angikhombise nezinombolo zomndeni wami (axhumane ngazo), waphendula ngokuthi ‘sobuye sikukhulume lokho’ maqede wangena (ehhovisi likaCronje) wahlala phansi,” kuchaza uNtanzi.
“Wawumbona okokuqala,” kubuza uSibanda, uNtanzi. Uphendule ngelithi kunjalo.
UMeyiwa wadutshulwa ekubo kanina wengane yakhe ongumculi, uKelly Khumalo ngo-Okthoba 2014.
Icala liyaqhubeka namuhla.