SEKUJUTSHWE uphenyo eMnyangweni weMfundo eyisiSekelo, nge-vidiyo esabalele ezinkundleni zokuxhumana, eveza amanye amalungu abegqoke izikibha zeqembu uMkhonto weSizwe (MK), eshaya iziqubulo zepolitiki kwesinye sezikole KwaZulu-Natal.
Le vidiyo okubonakala abafundi bebukela, kukhona abadlubhe umfaniswano wamasosha, isuse omkhulu umsindo ngoba uNgqongqoshe wezeMfundo, uNksz Siviwe Gwarube, ugxeke lesi senzo wathi siphambene nomthetho.
Kuphinde kubonakale noxhaxha lwezicathulo zesikole, okusolwa sengathi bezizonikelelwa abafundi.
UNksz Gwarube uthe uyalele inhloko yoMnyango wezeMfundo esifundazweni uMnuz Nathi Ngcobo, ukuthi ibhalele lesi sikole isazise ukuthi obekwenzeka, akuvumelekile.
"Sitholile ngale vidiyo esabalele okubi ngukuthi akuvumelekile ukuthi abafundi babe yizibukeli zezinto ezithinta ipolitiki ezikoleni. Umthetho wezikole, uyawavimba amaqembu ezepolitiki ukuthi akhankase ezikoleni. Sinezinsuku ezingu-200 zokufunda ngonyaka ngakho akumele kuphazanyiswe ukufunda nokufundisa. Ngisho kungathiwa amalungu ePhalamende, awesiShayamthetho noma amakhansela uma eya ezikoleni akumele aphazamise ukufunda. Noma uzonikela kumele ufike wenze lokho, bese uyahamba kodwa ungaphazamisi ukufunda nokufundisa," usho kanje ekhuluma neNewzroom Afrika izolo ekuseni.
UNgcobo ube esekhipha isekhula esuse umsindo kwi-DA, yakhala ngokuthi uhlela ukuvimba ukuvakashelwa kwezikole.
UMnuz Sakhile Mngadi we-DA esifundazweni, uthe bahlongoza ukubhalela uMvikeli woMphakathi, ngendlela uNgcobo asebebenzisa amandla akhe ngesekhula u-29 ka-2025, efuna ukuthi uqale ufake isicelo ngaphambi kokuvakashela isikole.
Ngokwesekhula kumele uthole imvume kuqala ngaphambi kokuvakashela isikole.
"Kule sekhula kumele uthole imvume kusasele izinsuku ezingu-30, ngaphambi kokuvakashela isikole. Lokhu kuyimizamo yomnyango yokuthi unqinde amandla amalungu esiShayamthetho ekutheni avakashele izikole," kusho uMngadi.
Ubuze ukuthi ngabe yini umnyango ozama ukuyifihla ngokwenza lokhu?
"Iqiniso ngukuthi izikole eziningi zibhekene nezingqinamba ngengqalasizinda, eyokushoda kwabasebenzi nokungaphathi ngendlela. Kumele ngabe bayakwamukela ukuthi sivakashele izikole kunokuthi basivale."
Uthe bazobhalela noMphathiswa woMnyango wezeMfundo uMnuz Sipho Hlomuka, bafune angenelele.
"Sizodlulisela lesi sikhalazo nakuSomlomo wesiShayamthetho uNksz Nontembeko Boyce kanjalo nasekomitini lezemfundo ukuze lingenelele. Uma kungukuthi yonke le mizamo iyabhuntsha, sizobheka nomgudu wezomthetho ukuze siguqulwe lesi sinqumo."
Imizamo yokuthola ukuphawula kwe-MK ayiphumelelanga.
Okhulumela umnyango kuzwelonke uMnuz Elijah Mhlanga, uthe bayalele umnyango wesifundazwe ukuthi ukhiphe le sekhula yezinto okumele zenziwe uma umuntu efuna ukuvakashela isikole.
Uthe kumele ubhalele inhloko yomnyango noma uthishanhloko ubeke nezizathu nosuku ofuna ukuvakashela ngalo kuleso sikole.
"Lokhu kumele ukwenze kusasele cishe izinsuku ezingu-30 ngaphambi kokuba uvakashe. Ngeke unqatshelwe uma ulandele yonke imigudu ngesikhathi. Abantu abangatheleka noma yinini ngaphandle kokuthola imvume ezikoleni kubalwa amaphoyisa, ongqongqoshe bezemfundo, izikhulu zomnyango namasosha," kusho uMhlanga.