UNGQONGQOSHE wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkk Nomagugu Simelane-Zulu, unxuse umphakathi ukuthi ulethe izincomo zokweseka umshwalense wezempilo iNational Health Insurance (NHI) okuhloswe ngawo ukuthuthukisa ezempilo.
Usho lokhu nje izigcawu zomthethosivivinywa ngalo mshwalense zizoba kulesi sifundazwe kusukela ngoNovemba 22 kuya kuNovemba 25.
UNkk Simelane-Zulu uchaze iNHI njengethuluzi lokuqeda ubuhlanga kwezempilo.
Uthe uhulumeni uzoqhubeka nokuxhumana nomphakathi mayelana nokuthi uzozuzani ngalo mshwalense.
“Kubalulekile ukuthi umphakathi uyiqonde kahle eyeNHI. Abantu bajabule ngokuthi uhulumeni uzimisele ukuthuthukisa ezempilo. Ezempilo ezisezingeni akumele zinikwe abadla elikapondo kuphela. I-NHI izoqinisekisa ukuthi wonke umuntu uthola ezempilo ngokulinganayo.”
Uthe izigcawu zizoqala esifundeni uMkhanyakude ngoNovemba 22, ngoNovemba 23 sibe seThekwini, ngoNovemba 24 sibe seHarry Gwala kuthi ngoNovemba 25 sibe seMzinyathi.
Mayelana nokuthi zizobe zikuphi nezindawo kulezi zifunda uthe umphakathi uzokwaziswa.
“Simatasa sisabalalisa amafomu okumele agcwaliswe ukuze ayiswe ePhalamende ukweseka iNHI. Umphakathi ungasibhalela uveze uvo lwawo. Siyanxusa ukuthi umphakathi useseke kulokhu ukuze usizakale.”
Kungabhalelwa uNksz Vuyokazi Majalamba osekomitini lezempilo ku:3rd floor, 90 Plein Street, Cape Town 8000, noma nge-e mail ku:[email protected] noma isikhahlamezi ku:086 6943 279 ungakashayi uNovemba 29, 2019.