OWAYENGUMSAKAZI woKhozi FM uNgizwe Mchunu, uthukuthele wanqaba umnikelo kaR5 000 obuphuma kuKhuzani “Indlamlenze” Mpungose, obemkhalisa ngokushonelwa nguyise.
Uyise kaNgizwe ungcwatshwe ngempelasonto edlule emzini wakhe eMabhuqwini, eNkandla, ngemuva kokugula isikhathi. Umthombo olwazi ukusuka nokuhlala udaba, upotshoze ukuthi ingxabano kaNgizwe noKhuzani ishube kakhulu futhi abaningi bakhathazekile ngayo.
Umthombo uthi abaningi abazwelana noNgizwe bebethumela umnikelo bemfakela ebhange, noKhuzani waba ngomunye wabo. Kuthiwa uNgizwe ube wukubona kungena imali kaKhuzani wadinwa, wayiphindisela emuva. Ingxabano yabo ishube kakhulu emuva kokuthi uKhuzani eshiye angalazi kuNgizwe engomeni eneka izindaba zakhe ezijulile.
UNgizwe uvumile ukuthi imali uyiphindisele emvua ngoba kusenengxabano phakathi kwakhe noKhuzani. Uthe iciko lifana nendodana yakhe baphile nalo kakhulu kodwa lagamanxa ngokumethuka leneke amahlazo akhe ezweni.
“ Lo mfana wangethuka wangibiza ngomthakathi, wethuka amakhosikazi ami nomuzi kababa wonke. Umama wami wakhala izinyembezi ngenxa yale nto yalo mfana. Ngiyijikisile imali enguR5000 ngafaka R100 ngaphezulu ukuze ingacozuleki nangephutha. Imali enjalo ibizwa ngedlakubi ngoba ayihlambulukile. Ubaba angamane angcwatshwe ngesaka kunokuthi ngithathe into enjalo,’’ kusho uNgizwe.
Ugcine esekhushukelwa wumoya uNgizwe ethetha wavala ucingo.
Ebuzwa ngodaba uKhuzani, ucele ukungakhulumi kakhulu ngodaba lomnikelo ngoba ethi uhlonipha uMchunu oshonile, nomndeni.
“ Ngicela ukudlulisa ukukhalisana nomndeni wakwaMchunu ngomkhuhlane obavelele, mayelana nomnikelo engawedlulisa angifisi ukukhuluma ngawo esidlangalaleni. Engingakubalula kwakungewona umnikelo womuntu ophilayo kwakungamakhandlela omuntu ongasekho futhi engangingenanxa naye. Azikho izinhlambuluko ebekumele ngizenze nomuntu obeqondene namakhandlela. Uma kuthiwa umnikelo wabuya ngokwesiZulu sakithi ubungabuya uma ingxabano ithinta umuntu ongasekho nakhona ehambe singaxolelene. Bengingakaboni ngisazobheka ebhange ukuthi ikhona yini imali engenile,’’ kusho uKhuzani.
UDINWE wakhushukelwa umoya uNgizwe Mchunu, ngesikhathi ephawula ngokuphindisela emuva umnikelo kaKhuzani ‘’Indlamlenze’’ Mpungose, ngesikhathi kushone uyise uMchunu Isithombe : FACEBOOK/KHUZANI KING NDLAMLENZE MPUNGOSE