UMNDENI wephoyisa likaMasipala weTheku elabulawa uphume udemelayisa enkantolo, unengwa ukumamatheka okungapheli kukaNkk Nongcebo Ntombela ongumsolwa futhi ongumkamufi.
Enkantolo yaseMlaza, uNkk Faith Nongcebo Ntombela, ubekade evelile okokuqala ngemuva kokuba eshaqwe ngamaphoyisa ngoLwesihlanu.
Kuthiwa wayekade ephuma enyangeni eseMpangeni. Usolwa ngokukhanda itulo lokubulala umyeni wakhe uCaptain Thomas Zwelakhe Ntombela.
UMshushisi uKhulekani Mzotho uthe kuningi abasafuna ukukubheka ngeso elibanzi mayelana naleli cala.
IMantshi, uMnuz Thulani Mbuyazi, ithe isicelo sebheyili sizolalelwa kuyona le nkantolo ngoSepthemba 5.
Ngesikhathi kukhuluma imantshi umsolwa ubelokhu ezibuka elungisa izinwele zakhe.
Ngesikhathi Isolezwe limthatha izithombe uthe ucela ukuthi lizinike isikhathi limthathe izithombe ezinhle ngoba ufuna ukuphuma emuhle ephepheni.
Umufi wadutshulwa ngezinhlamvu ezinhlanu ekhanda ngoMeyi, nonyaka, esemzini wakhe okwa-S, eMlaza, ngesikhathi evala isango.
Waphuthunyiswa esibhedlela eMedical Towers, eSiphingo, wafika waphelela khona.
"Ukuhleka kwakhe kuchaza ukuthi akazisoli ngale nto ayenzile kumfowethu. Kusho ukuthi yena ujabule ngoba kuyabonakala ukuthi akazi nanyaka,'' kusho uMnuz Nkosinathi Ntombela umfowabo kamufi.
Eqhuba uthe njengomndeni bakhathazekile kakhulu ngendlela umufi abulawa ngayo.
Uthe bona bathola ngemuva kwezinsuku ezimbili ukuthi umsolwa uyathinteka ekubulaweni ngesihluku kukamyeni wakhe.
"Siyabonga kodwa ukuthi nangu namhlanje elapha enkantolo. Yikhona nje ukuthi sesinengwa yilokhu kumamatheka kwakhe okungapheli esingazi nokuthi kumayelana nani,'' usho kanjena.
Uyise kamufi, uMnuz Bheki Ntombela, uthe kuyamangaza kakhulu ukubona umsolwa emamatheka kangaka.
"Mina iyangixaka le nto yakhe kodwa ke uyena owaziyo ukuthi ukitazwa yini. Kusho khona ukuthi ujabule ngokuthi waphumelela ukuthi abulale indodana yami. UNkulunkulu owaziyo,'' usho kanjena.
Utshele intatheli ukuthi umakoti esanda kugana wayengeve eyimvu yenkosi, wathi kodwa ngokuhamba kwesikhathi ubekuqaphela ukuthi ubeseshintshile kakhulu.
"Umakoti wethu ubengasayifuni nje into emhlanganisa nawo wonke umndeni wakwaNtombela. Bekuthi uma ngimbuza undodana (umufi) ukuthi kwenzakalani, avele angaphumi nezwi elicacile,'' usho kanjena.
Okhulumela oKlebe KwaZulu Natal, uMnuz Simphiwe Mhlongo, uthe kuyajabulisa kakhulu ukuthi lubonakala luthela izithelo ezinhle kakhulu uphenyo abaluqhubayo.
Udalule ukuthi kungakapheli sikhathi esingakanani kukhona abanye abazokhalelwa ngamasongo kaSigonyela.
"Akukuningi esingakusho ngaphandle nje kokuthi nakanjani kukhona abanye abazobanjwa maduze nje,'' usho kanjena.
Ngaphandle kwenkantolo bekukhona amalungu omndeni nabanye abazi umufi ebebebhikisha bephethe nezingqwembe.
Ezinye zazo bezibhalwe ukuthi : "Wezwa ngobani ukuthi indoda iyabulawa?“
Umsolwa ufike enkantolo eboshwe ngozankosi izandla nezinyawo.
Abantu abasebenza naye bebebabaza unya lwakhe njengoba esebenza ngaphakathi kule nkantolo abevele kuyona.