KUFAKWE ama-tracker ezimotweni zabezimo eziphuthumayo ezithwala iziguli KwaZulu-Natal ukuze kuqinisekiswe ukuthi baphephile uma benza umsebenzi wabo wokulanda iziguli ikakhulu ebusuku.
Lokhu kuvezwe nguNdunankulu wesifundazwe, uNkk Nomusa Dube-Ncube, izolo ekhuluma ngabakwenzayo ukuvikela abasebenzi bezempilo ikakhulu bezimo eziphuthumayo.
UNkk Dube-Ncube ubephendula ilungu le-IFP esiShayamthetho, uNkk Ncamisile Nkwanyana, obefune ukwazi kuNgqongqoshe wezeMpilo, uNksz Nomagugu Simelane, obengekho, ngezinhlelo zalo mnyango zokuvikela laba basebenzi.
Uthe bakhathazekile ngezokuphepha kwabasebenzi bezimo eziphuthumayo njengoba sebephenduke izisulu zezigebengu ezibagcwelezayo.
UNkk Nkwanyana ugxeke isehlakalo sokuthi kulaxazwa iziguli engabe zilandwa ziyiswa ezibhedlela.
UNkk Dube-Ncube uhlabe ikhwelo emphakathini ukuthi uvikele abasebenzi bezempilo ikakhulu abezimo eziphuthumayo.
“Sinabasebenzi abazimisele emkhakheni wezempilo. Sinxusa imiphakathi ukuthi isebenzisane nabezimo eziphuthumayo njengoba bebeka impilo yabo engcupheni. Esikwenzile singuhulumeni ukufaka ama-tracker kuma-ambulensi ukubabheka ukuthi baphephile ngaso sonke isikhathi. Sisebenzisana namaphoyisa ukuthi asize aphelezele laba basebenzi ukuze baphephe,” kusho uNkk Dube-Ncube.
Usho lokhu nje kumiswe abasebenzi ababili bezimo eziphuthumayo emva kokuba banqaba ukwehla izitebhisi eMlaza beyolanda owesifazane owayenenkinga yenhliziyo.
Kuthiwa laba basebenzi bathi akalethwe ngomunye womndeni ngoba bakhala ngokuthi akuwona umsebenzi wabo ukwehla izitebhisi.
Laba basebenzi kuthiwa bakhala ngokuthi bahamba kancane bagcina bebashiye kanjalo lesi siguli sagcina sihanjiswe emtholampilo yimoto ekhokhelwa ngokwebanga elihambile.
Lesi sehlakalo sagxekwa nxa zonke njengoba kwakhalwa ngokuthi laba basebenzi abanazwelo.
Kwenzeka lokhu nje ziningi izehlakalo esezike zabikwa zabasebenzi bezimo eziphuthumayo ababanjwa inkunzi ebusuku bethi beyolanda abagulayo.
NgoFebhuwari nonyaka kubanjwe inkunzi abasebenzi ababili bezimo eziphuthumayo eNtshongweni, ababebizelwe ukuthi bayosiza umuntu omdala ogulayo.
Laba basebenzi baphucwa zonke izinto zabo ngabesilisa abane ababethi bayobatshengisa lo muntu ogulayo.