UPHUTHUME enkantolo uNdunankulu wase-Eastern Cape, ezama ukunqanda uphenyo ngeziqu zakhe ze-masters.
Zizoqhubeka emini izivivinyo eNyuvesi iFort Hare, ngemva kokushishwa kwehholo okubhalelwa kulongeSonto, e-Alice.
Imibiko engakaqinisekiswa ikhomba izitshudeni njengabasusi bodweshu. Kuthiwa izitshudeni zishise lendawo ngenhloso yokunqanda ukuqala kwezivivinyo.
Lokhu akukaqinisekiswa njengoba abenyuvesi beveze ukuthi kusazophenywa ngomsuka womlilo.
Inyuvesi idalule ukuthi kuzophazamiseka izivivinyo zasekuseni kuphela ezizohlelelwa esinye isikhathi kodwa ezasemini zizoqhubeka njengokuhleliwe.
Kwenzeka lokhu-nje uNdunankulu wesifundazwe, uMnuz Oscar Mabuyane, uphuthume enkantolo eNkulu eBhisho, ezama ukunqanda uphenyo ngeziqu zakhe.
UMabuyane ucele inkantolo inqande umyalelo kaMengameli Cyril Ramaphosa, wokuthi kusungulwe uphenyo olukhethekile ngokuthi wazithola kanjani iziqu zakhe ze-masters.
Undunankulu uthi uphenyo alukho emthethweni futhi kaluhambisani nomthethosisekelo.
Yize kunjalo uPhrofesa Sakhele Buhlungu, oyiVice Chancellor enyuvesi ukhiphe isitatimende esikubeke kwacaca ukuthi akukho okuzonqanda lolu phenyo.
“Inyuvesi ithathe isinqumo sokuphikisa isicelo esifakwe eNkantolo eNkulu eBhisho, sokunqanda lolu phenyo lweSIU olusungulwe ngumengameli uCyril Ramaphosa,” kuchaza uSolwazi Bahlungu esitatimendeni.