KUBOSHWE umzukulu okuthiwa uhlasele uyisemkhulu wamgwaza ngento ecijile ekhanda, wafa KwaGudlucingo, eHlokozi.
UMnuz Mzukayise Mchunu (66) kuthiwa ugwazwe ngoMgqibelo ebusuku esemzini wakhe ngowesilisa, amaphoyisa athe uyaziwa.
Umsolwa oneminyaka engu-21, uboshwe ngecala lokubulala. Kulindeleke avele ePhungashe Periodal Court namhlanje.
Indodana kamufi, uMnuz Bhekizitha Mchunu, ithe uyise ubenesibazi esiphongweni nenxeba elijulile enhlafunweni. Uthe ngoMgqibelo ebusuku uthole ucingo ebeluvela kumfowabo omdala, emlandisa ngosekwenzekile.
Kuthiwa umndeni ubuhlangene ekhishini udla isidlo sakusihlwa maqede wahlukana usuyolala ezindlini zawo.
Kuzwakale ngomufi esememeza, ekhala efuna usizo, kwaphuma indodana yakhe endala kwenye indlu, emfice elele phansi eceleni kwendlu engagqokile.
“Ubesakwazi ukukhuluma etholwa wubaba ngoba ngikhulume naye ocingweni wathi ‘mfan’wami ngiyashona la, ngidutshulwe * .’ (egagula igama likamsolwa). Kuthe uma ngimbuza ukuthi kukhona yini ukuphambana ngemibono okube khona, wangaphendula esephelelwa amandla,” kusho uMchunu.
Kuthiwa umufi uphuthunyiswe esibhedlela eChrist the King, eXobho ngemoto yakwamakhelwane kodwa washona eqeda ukwehliswa emotweni esebekwa ohlakeni lwesibhedlela.
UMchunu uchaze ummangalelwa njengomuntu ohluphayo emphakathini futhi obhema iwunga. Uthe badabukile futhi basathukile ngokudlula emhlabeni kukayise ngesandla somuntu wasemndenini.
“NgoDisemba bengishadelwa, ubaba ejabule ngendlela eyisimanga futhi engihalalisela kanti ngiyagcina ukujabula naye.
Ubaba ubengumuntu wabantu ethandwa, ehlonipha futhi ewusizo. Besingalindele ukuthi kungenzeka into enjena,” kusho uMchunu.
Umufi ushiye emhlabeni unkosikazi, izingane ezingu-11 nabazukulu. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthe kusolwa ukuthi ummangalelwa ushaye umufi wamdonsa emkhiphela ngaphandle kwendlu.
Uthe kusolwa ukuthi umufi ugwazwe ngento ecijile ekhanda.
“Izolo ebusuku (esho ngoMsombuluko) ithimba labaseshi eHighflats lilandele umkhondo oliholele lapho bekukhona umsolwa eHlokozi, zamkhalela,” kusho uCapt Gwala.
UKhomishana wamaphoyisa eKZN, uLieutenant General Khombinkosi Jula, usigxekile isenzo sokuhlaselwa kukaMchunu okungumuntu obesekhulile.