AMAPHOYISA amfuna uthuli umyeni okusolakala ukuthi ubhokode inkosikazi yakhe ngento ecijile wayibulala emzini wabo osesigodini iSengatane, eSeshego.
Isigameko kubikwa ukuthi senzeke enkathakusa ngoLwesithathu.
Kusolakala ukuthi umufi obeneminyaka engu-45 nomyeni wakhe babe nengxabano eshubile. Kuvela ukuthi le ngxabano iphethe ngokuthi umyeni agwaze kwesingenhla inkosikazi yakhe waqeda wadla phansi.
Amaphoyisa nabosizo lokuqala, bathintiwe ngalesigameko, ngeshwa bafike esevele esethule umufi ohlonzwe njengoshonele endaweni yesigameko.
UMkhuzi wamaPhoyisa eLimpopo, uLieutenant General Thembi Hadebe uzwakalise ukukhathazeka kwakhe ngezigameko ezifuze lesi, ezithinta udlame lwasemindenini eziqhubekayo eLimpopo.
“Sizokwenza ngakho konke okusemandleni sikhuthaze abagilwa nofakazi ukuthi babike lawa macala emaphoyiseni, ezikhungweni zikahulumeni nakubaholi bomphakathi,” kusho uLt Gen Hadebe.
Uqhube wathi amaphoyisa aphansi phezulu athungatha umsolwa ngenhloso yokumbopha. Amaphoyisa avule icala lokubulala aliphenyayo.
Kunxuswa noma ngabe ubani ongaba nolwazi olungaholela ekutheni kuboshwe umsolwa aludlulisele kumphenyi wecala uWarrant Officer Frans Mohlabi enombolweni yocingo ethi: 082 344 7716.
Bangabika esiteshini samaphoyisa esiseduzane noma bashayele kwaCrime Stop ku-08600 10111.