UMYENI utshele inkantolo ukuthi inkosikazi yakhe yayimjolela nozakwabo emsebenzini futhi isimenzele incwadi yenkantolo emvimba ukuthi angasondeli eduzane kwayo iminyaka engu-30.
Lobu wubufakazi obethulwe nguMnuz Sfiso Ndlovu (49), eNkantolo eNkulu yaseThekwini izolo.
Uthweswe icala lokuthumba nelokubulala okuhleliwe uNkk Khulukazi Ndlovu (39) ngo-Ephreli 2, 2020.
UNdlovu uthe akazi yathunjwa futhi yabulawa ngubani inkosikazi yakhe eyayisimtshelile ukuthi ifuna isehlukaniso somshado.
“Wangenzela incwadi engivimba ukuthi ngisondele kuyena iminyaka engu-30. Wangivulela necala ethi ngamphuca ifoni nemali yakhe, okungelona iqiniso. Ngababuza nesoka lakhe ukuthi bayathandana yini, bobabili baphika yize kwase kuyindaba eyaziwayo emsebenzini,” kuchaza uNdlovu.
UNdlovu ulandise wathi umufi wayenokuhambisa esikoleni izingane zesoka lakhe esebenzisa imoto yakhe (Ndlovu), okuyinto eyamnenga ngoba ezakhe wayezikhokhela “kumalume”.
Uthe wagcina eyiphuca imoto inkosikazi yakhe kanti isoka layo lizoyithengela umacekeceke weKia Picanto. Le moto wagcina engqongqiselwe kuyona umufi.
“Kwangimangaza ngibona imoto entsha ethi eyakhe ngoba wayesemabhukwini abangakhokhi kahle. Ngalandela ngabuza igaraji eyathenga kulona imoto ngoba sasishade umshado ohlanganisa amafa ngakho kwakubalulekile ngazi ukuthi umkami wenzani,” kuchaza uNdlovu.
Kwatholakala izinsalela eziyizingcucu zamathambo emotweni kamufi eyayishe yangqongqa emathuneni aseMolweni, eThekwini.
UNdlovu ukhale ngokunyundelwa ngozakwabo kwaDurban Transport abebe wofakazi boMbuso. Labo fakazi abathathu batshela inkantolo ukuthi uNdlovu wabakhombisa izingxoxo nezithombe zikamufi neshende lakhe futhi wabatshela ukuthi kayimphethe kahle incwadi yesivimbelo senkantolo.
Le ndoda engumsolwa ibibukeka izikhululekele enkantolo, ifakaza ngokuzethemba. Izihlobo zikamufi zishaqekile uma zizwa uNdlovu etshela inkantolo ukuthi emuva kwesikhashana kushone umkakhe, enye yamadoda ayekade ehlala nayo, engeyokufika kuleli, yashaya yachitha noR16 000 wakhe izithathela.
Uthe le mali wayeyibekile nje endlini kukhona into ayezoyisebenzisela yona kodwa angayishongo ukuthi yini leyo. Icala liyaqhubeka.