UPHELEZELWE nangezingoma zakhe uDeborah Fraser, obenzelwe inkonzo yesikhumbuzo yesibili izolo eThekwini Community Church kaMbhishobhi Vusi Dube.
Le nkonzo ibihanjelwe ngamalungu omndeni kaDeborah, amaciko ahlukene okubalwa aweshashalazi nabalandeli besihlabani.
Phakathi kwabo kubalwa iqembu Imalini, Ntombeyiningi, Tzozo, Thobekile Mkhwanazi, Mondli Ngcobo, Khanyi Nzuza, Mapule, Syanda Mwandla nabanye.
UMbhishobhi uDube ududuze umndeni, izihlobo nabangani ngezwi lenkosi.
Abebesondelene naye bamchaze njengomuntu obenosizo, uNtombeyiningi ngomunye wabantu abasizwe nguDeborah waze waqashwa yinkampani yomculo, i-Universal.
" Ngiyakusaba ukufa kunesono, ungomunye wabantu abohlala besenhliziyweni yami,“ kusho usomahlaya othe uDeborah uyishintshile impilo yakhe.
“Kunento ayitshala kimi ethi msabe umuntu wasemhlabeni. Ningibona nje ngiyilo muntu engiwuye kungenxa kaDeborah. Ngifisa sengathi nabanye bangayizwa imfudumalo nothando lwakhe. Ubenamahlaya, akagcinanga ngokungikhulisa kodwa ngaba yingxenye yomsebenzi wakhe, " kusho UNtombeyiningi.
UNtombeyiningi ngomunye wabantu abaziwa kakhulu ngokuhlala eduduza nangamahlaya uma kunezikhathi ezinzima kodwa kulokhu uyena obebukeka ehluleka ukubhekana nokwamukela ukuthi sekuya ngasemaphethelweni.
Isilomo somculo wokholo uThinah Zungu, obekulindeleke azocula kule nkonzo, uvelelwe yingozi esuka esikhumulweni sezindiza elibangise khona. Abalandeli bakhe balokhu bemduduze njalo.