UMTHWALO usobhokweni, kuyaphithezela emarenke amatekisi ahamba amabanga amade, eThekwini, njengoba abantu abaningi bebheke emakhaya ukuyochitha amaholidi kaKhisimusi nemindeni yabo.
Ngesikhathi Isolezwe lihambele kwamanye amarenke kuleli dolobha izolo, abanye abagibeli bebebonakala bemi emigqeni nemithwalo yabo belindele ukungena ematekisini.
UNksz Thandi Ngobese ongumgibeli, othe amabombo uwabhekise kwelakubo KwaNongoma, uthe kuyamjabulisa ukuthi sekushaye lesi sikhathi esimkhululayo emsebenzini, useyohlala echithe amaholidi nomndeni wakhe.
“Lo nyaka awubanga muhle kubantu abaningi. Sisinde ezikhukhuleni ebezidla lubi eThekwini, ngakho uma kufika lesi sikhathi bese ngingakwazi ukulinda ukuthi ngike ngiyohlala nomndeni wami ngikhohlwe kancane yiTheku. Yize isimo somnotho singesihle kodwa ukuba nomndeni wami yinto engiyijahe kakhulu,” usho kanje.
UMnuz Sipho Gumede obegibela erenke eDurban Station othe ungowokudabuka eMpangeni, uthe akazange abenenhlanhla yomsebenzi kulo nyaka kodwa unethemba lokuthi ngonyaka ozayo kuzolunga.
“Ekhaya akungenwa ngemali. Ngiyafisa nje sengathi singaba nohambo oluphephille, umshayeli wethu aziphathe kahle. Sengijahe ukuba sekhaya,” kusho uGumede.
Yize abagibeli bekhombisa isasasa, begoduka ngobuningi kodwa kubanikazi bamatekisi aserenke yaseDurban Station ahambela amabanga amade, bathi bahleli lubhojozi ngenxa yamaphoyisa ashaqa izimoto zabo bese bethi azinazo izimvume, bese zikhishwa ngemali eshisiwe.
Omunye wabasehhovisi lokuphathwa komsebenzi, uMnuz Nala (esingenalo igama lakhe), uthe lesi senzo sokuthathwa kwamatekisi siyabaphazamisa kakhulu.
“Asikwazi ukusebenza kahle, amatekisi ayathathwa kuthiwa kufunwa izimvume zokulayisha abagibeli, izimoto zikhishwe emgwaqweni, okuyinto esiyibona njengesenzo sokuhlukunyezwa,” kusho yena.
Bathi isikhathi esiningi, iphutha lisuke lingakuhulumeni njengoba izimoto eziboshwayo zisuke zivele sezizifakile izicelo zezimvume zisalindile, uthole ukuthi ukubambezeleka kokunikezwa kwabo kwenziwa ukucinywa kukagesi ngenhloso yokuwonga okuqhubekayo okuba nomthelela wokuthi izimvume zingafinyeleli kubanikazi bamatekisi ngesikhathi.
Kuvele ukuthi amatekisi uma eseboshiwe akhishwa ngemali esuka kuR 3500 kuyaphezulu, kanti omunye wabo uthe njengoba kuqale uDisemba, usekhokhiswe uR12 000 ngodaba lwezimvume.
AbaseRoad Traffic Management Corporation bathe bevile kuka-2 000 abashayeli esebeboshiwe kwizivimbamgwaqo zabo, ezweni lonke, kanti zingaphezu kuka-4 200 izimoto esezikhishwe emgwaqweni.