UKUSEBENZISA insangu usuku lonke, uyisebenzise kakhulu ize ikudake, kungaba nomthelela ongemuhle emqondweni.
Umbiko weThe Lancet Psychiatry Journal obheke amazwe ase-Europe angu-11 uveza ukuthi ukusebenzisa insangu kungaba nomthelela othile ekuphazamisekeni komqondo.
Abacwaningi sekuthe uma bebheka babona ukuthi kunokuxhumana phakathi kokusetshenziswa kwensangu nale nkinga.
UDkt Marta Di Forti ongomunye wabalobi abahamba phambili kulolu cwaningo noqhamuka esikhungweni sezemfundo i-Institute of Psychiatry, Psychology, and Neuroscience eKing’s College, eLondon uthe imiphumela yabo iyahambisana nocwaningo oseluke lwenziwa phambilini olukhombisa ubungozi bensangu ethakwe kakhulu ngesithako esaziwa ngeTetrahydrocannabinol (THC) uma kuqhathaniswa nensangu enamazinga amancane.
Uthe manje ucwaningo lwabo luveza ngokusobala ukuthi insangu ingaba nomthelela ongakanani ekutheni abantu babe nezinkinga eziphazamisa umqondo.
“Njengoba amazwe eshintsha indlela ebhekwa ngayo insangu ngokwezomthetho, sibheka nokusiza kwayo ngokwezempilo, kufanele singakhohlwa nokubheka nobungozi obuhambisana nokusetshenziswa kwayo usuku nosuku,” kusho uDkt di Forti.
Lolu cwaningo lubheke amazwe ehlukene ase-Europe lapho kubhekwe ukuthi bangaki abantu abebenenkinga yengqondo kusukela ku-2010 kuya ku-2015. Babe sebebheka ukuthi kulaba bangaki abebesebenzisa izidakamizwa okubalwa kuzona insangu babheka nokuthi insangu abebeyisebenzisa ibinamazinga angakanani e-THC.
Bathole ukuthi labo abebenezinkinga zomqondo bebevame ukusebenzisa insangu zonke izinsuku futhi labo abebesebenzisa insangu enezinga eliphezulu lwesithako i-THC bebenezinkinga zokuphazamiseka emqondweni kakhulu uma beqhathaniswa nabanye.
Abacwaningi bathole ukuthi labo bantu abebesebenzisa insangu nsuku zonke bebeba ngabokuqala ukuba sengozini enkulu yokuthi babe nezinkinga zokuthikamezeka emqondweni.
Lezi zinkinga beziya ngokunyuka uma abantu besebenzisa insangu esezingeni eliphezulu lokudakana.