KUPHAZAMISEKE ukungena nokuphuma kwezimoto esibhedlela, iDr Pixley Ka-Isaka Seme Memorial, KwaMashu, izolo amalungu omphakathi evale isango ngenqumbi yenhlabathi engcolile.
Amalungu omphakathi, abehambisana nosomabhizinsi bendawo, abenemashi engenalo udlame ngaphambi kwalesi sibhedlela. Athe anengwe ukunganakwa ngumphathi walesi sibhedlela osekuphele isikhathi eside bekhuluma naye ngokungaqashwa kwabantu abahlala KwaMashu kulesi sibhedlela.
La malungu omphakathi athe abone kungcono ukuthi athele inhlabathi ngaphambi kwesango ukuze anakwe.
UMnuz Siyabonga Mhlongo, usihlalo weBridge City KZN Association Forum, uthe baqale nyakenye ukukhuluma nomphathi wakulesi sibhedlela bebuza ukuthi kwenziwe yini ukuthi kuqashwe abantu bangaphandle kuphela ekubeni kwakuthiwe imisebenzi engadingi izifundo ezithile efana nabahlanza esibhedlela, abaqhuba iziguli nomabhalane kuzoba ngabantu bendawo.
Siqala ukukhuluma nomphathi wesibhedlela ngalokhu, wathi nguyena obhekelele konke okuthinta lesi sibhedlela kodwa manje useshintshile, usethi yinhloko yomnyango elawula ukuqashwa kwabasebenzi.
"Kube namakomiti asunguliwe kuthiwa kuzolungiswa lolu daba, ekugcineni sesikhonjwa kwabaphezulu kanti amalungu omphakathi asho ukuthi inqwaba yamaCV atholakala elahlwe kujantshi wesitimela. Sabuye sahosha umoya wokuthi bekugwazwa. Uma esengena ezintangeni umphathi, sesiqala ukukholwa ukuthi esikuzwile kuyiqiniso," kusho uMhlongo.
Uqhube wathi nanamahlanje basazobuya ngoba bacele ukuthi kufike yona inhloko yomnyango kanye ngongqongqoshe bazochaza ngoba kuthiwe yibo abanolwazi.
"Asifuni ukubukelwa phansi ngoba siyavota, ngevoti lethu osopolitiki bathola lezi zikhundla abanazo ngakho kumele beze kithi uma sibacela. Uma sesidinwa singavoti, bazovotelwa yibo onogada babo," kusho yena.
UMnuz Peter Mhlongo, oyilungu lomphakathi, uthe abantu baseNanda, Ntuzuma naKwaMashu (INK) bahlomule ngokuqashisa abasebenza kulesi sibhedlela kuphela.
"Akuyona into esatshelwa yona ngesikhathi kwakhiwa lesi sibhedlela. Uma nakusasa (namhlanje) beqhubeka nokungasinaki, sizofika la sizokosa inyama, abafuna ukudlala ibhola badlale khona la, konke ongakucabanga kuze kube bayasinaka," kusho uMhlongo.
UMnuz Mdu Ncalane okhulumela uMnyango wezeMpilo kulesi sifundazwe, uthe bakhathazekile ngokuphoqwa kweloli ebeliphethe inhlabathi ukuthi liyithele ngaphandle kwesango lesibhedlela, iDr Pixley kaSeme Memorial.
'' Siyaqonda ukuthi kunenkinga yokushoda kwemisebenzi ezweni lonke, okubandakanya nawo umphakathi owakhele lesi sibhedlela. Ezikhaleni zomsebenzi ebezikhona ezingu-1500 umnyango wathola izicelo ezingaphezulu kuka-500 000. Imisebenzi engadingi amakhono athile abantu abanikwe ithuba kuqala ngabaseThekwini. Sizokwenza isiqiniseko sokuthi ukusebenza kwesibhedlela akuphazamiseki ngokusebenzisana neziphathimandla zesibhedlela nabagcini bomthetho" kusho uNcalane.