UMASIPALA uMngeni uqhubeke lapho owawugcine khona ukuzama ukunxenxa izivakashi ukuvakashela izindawo ezakhele lo masipala, ngomcimbi obuwenze eKarkloof Falls, eHowick, ngoLwesihlanu.
Kuzokhumbuleka ukuthi lo masipala uqale le ntshumayelo yawo eHowick Falls, emasontweni amathathu edlule, lapho umeme khona izintatheli ukuzobona izindawo ezahlukene zokuvakasha ogabe ngazo kula maholidi kaDisemba.
Ikhuluma neSolezwe kulokhu, iMeya yoMasipala, uMnuz Chris Pappas, ithe bakubone kusemqoka ukuqhuba ivangeli labo lokunxenxa izivakashi ukuza eMngeni.
"Lokho sikwenza ngoba sifuna ukufeza inhloso yokwenza uMngeni udle ubhedu ngesibalo esiphezulu sezivakashi, ikakhulu ngoba sonke besikhinyabezwe yiCovid-19, kule minyaka emibili edlule," kuchaza uMnuz Pappas.
Emcimbini wethule iLight Up uMngeni, umkhankaso abahlose ngawo ukunxenxa izivakashi ukuvakashela indawo egcine umlando wowayengumengameli wokuqala wentando yeningi, uMnuz Nelson Mandela ongasekho emhlabeni, iNelson Mandela Capture Site.
"Sinxenxa abantu ukuthi babe nathi kule ndawo ngoDisemba 17 no-18, lapho bezothola khona ithuba lokufunda kabanzi, hhayi ngomlando kaMandela kuphela, kepha nowamanye amaqhawe omzabalazo," kunxenxa uPappas.
UNksz Nelly Ramashia osiza izivakashi ngolwazi (tour guide) eNelson Mandela Capture Site, uhambe emazwini emeya, okuthi le ndawo ayizukuhlomisa izivakashi ngomlando kaMandela kuphela, kepha iyisizindalwazi somlando weNingizimu Afrika.
"Sithembisa ukuthi izivakashi ezizoza endaweni yethu zizoqonda kabanzi ngomlando walapho siphuma khona njengezwe, ziphinde zichazelwe ngohambo lwempilo kaTata.
"Okunye okuhle ngale ndawo wukuthi izivakashi zethu zizophinde zibone nomfuziselo esinziwe lapho okwaboshelwa khona uMandela," kuchaza uNksz Rashia.
Uthe bahlomele ukwamukela izivakashi zakulolonke leli, ngisho nezasemazweni aphesheya imbala, waqinisekisa nokuthi sebeqalile ukuthola izicelo zazo kuyimanje.