SEKUVELE ukuthi belicula kodwa limiswe kabi yisifo sofuba ibhungu laseThekwini ebelidume ngokunandisa emigwaqeni emningi kuleli dolobha ngezingoma zezihlabani saphesheya kwezilwandle uR. Kelly.
UThando Mahlalempini obeseqanjwe igama elithi u'R. Kelly waseDebheni' umndeni wakhe uveze ukuthi ushone isigubhukane futhi ubengakhombisi nezimpawu ezitheni zokugula.
Udadewabo uNkk Thandeka Nene uthi uThando ubesenesifo sofuba kodwa besingakaze simqinise kangako, ngakho kubamangazile ukushona kwakhe ngoLwesine engakaze alala ngisho phansi.
UR. Kelly wathatha isikhathi sokubungaza uThando kulandela ukusabalala kwevideo yakhe ezinkudleni zokuxhumana ecula iculo lakhe iBad Man
"Ubewumuntu ongazwani nokuhlala ndawonye ngisho ubebuya uma egula simhambise kodokotela abuye aphindele kubangani e-Albert Park. Uzewashonela khona ngoba ubekukhonzile ukuhlala nabangani bakhe. Besimhambisela ukudla nezinombolo zethu amaphoyisa ebesenazo. Ngithuke sengithola ucingo kuthiwa usebizelwe i-ambulensi akaphilele. Ngamangala ngoba ngakhuluma naye ocingweni wangazwakala njengomuntu obambekile. Siphatheke kabi ngoba ubemncane futhi sinethemba lokuthi usazoba nekusasa nasemculweni. Kuningi ebesimzamele khona besihlela nokumhambisa eMpumalanga ukuyolashwa," kusho uNkk Nene.
Inkonzo yesikhumbuzo kaThando izobanjelwa ePower Of God Assembly KwaDabeka A, eClermont ngoLwesine ngo-2 ntambama. Inkonzo yomngcwabo izoba ngoMgqibelo eNew Testament Community Church eNagina ngoMgqibelo ngo-10 ekuseni bese eyongcwatshelwa emathuneni ase-Ashely.