AKUSEHLI nobuthongo esalukazini sicabanga umzukulu waso osekuphele izinyanga ezine isidumbu sakhe siduve emakhazeni, emva kokuthi satholwa silahlwe ehlathini sesiqala ukunokala.
UNkk Agnes Ngcobo waseCongo eNanda, ekhuluma neSolezwe ebelihambele umndeni izolo, uthe usethandaze kwaze kwashabalala ithemba lokuthi umndeni uyoke ulifihle ithambo lomzukulu wakhe, uNksz Nolwazi Blose, owagcina ukubonakala ngoMeyi 9 nonyaka. Isidumbu sakhe satholwa emasontweni amabili kubikiwe ngokunyamalala kwakhe, sesiqala ukonakala singenamehlo, silahwe ehlathini.
“Sesizame konke ukukhuluma nabaphethe icala ukuthi badedele isidumbu sengane yethu, sikwazi ukuyingcwaba ukuze sibhodle siqhubeke nempilo. Sitshelwa ukuthi kusenziwa ulibofuzo, esingazi ukuthi ngolwani ngoba wayesabonakala kahle nje nezinto ayezigqoke ehamba, sakwazi ukuzibona. Sididekile ukuthi yini lena engaka abasafuna ukuyenza ngesidumbu somntanomtanami,” kubalisa uNkk Ngcobo.
Uthe umphenyi wecala wabatshela ukuthi mabaqhubeke nempilo bacishe amakhandlela ngoba isidumbu sisazohlala isikhathi emakhazeni. Ukhale ngokuthi kunzima ukuqhubeka nempilo uma kusekhona ilungu lomndeni elisemakhazeni, lokhu sekumenza ahlale enokhwantalala.
Umndeni uthe isimo obhekene naso sesidale nokuthi amalungu awo ahleze enezinhliziyo ezincane ngenxa yokhwantalala.
UNksz Blose ngosuku anyamalala ngalo kuthiwa wayephume ekhaya evakashele omunye wesifazane okhona endaweni ngabo-4 ntambama, eyombuza mayelana nohlelo lokuholwa kwesibonelelo sabangasebenzi, wangabe esabuya.
Uninakhulu uthe isidumbu somzukulu wakhe sasilimele ebuseni kodwa ebonakala, sikhunyulwe izingubu zangaphansi.
Uthe babeyile ekhanseleni ukucela usizo kodwa nalo laveza ukuthi liyokwazi ukulekelela kuphela uma isidumbu sesidedeliwe, sekwenziwe izinhlelo zokuthi singcatshwe. UNksz Blose kuthiwa ushiye emhlabeni izingane zakhe ezimbili ezisencane.
Okhulumela amaphoyisa, uColonel Thembeka Mbele, uthe kusalindwe imiphumela yolibofuzo, umndeni uyaziswa ngokuqhubekayo kulolu daba.