UXWAYISA abama emgwaqweni, bacele ukugitshezwa izimoto abangazazi umndeni wowesilisa waseZinhlabeni, oLundi, odlule emhlabeni emva kokwenza lokhu ngasekupheleni kukaDisemba.
UMnuz Mphakamiseni Msimango (44) wagcina ukubonwa yingoduso yakhe eVryheid, ngoDisemba 22.
Kuthiwa bahlukana emva kokuthenga izimpahla ezazizodingeka ngoDisemba 31, uma esehambisa ilobolo kubo kwenguduso. Ngaleso sikhathi wayengumuntu ozomisa izimoto emgwaqweni, agoduke aye ekhaya oLundi.
Umndeni usola ukuthi wagetshengwa yibo abantu ababemgibezile.
Udadewabo, uNksz Sma Mbatha, uthe basola ukuthi waphuziswa umuthi odakayo, waphucwa isikhwama semali, iselula, wakhunyulwa zonke izingubo ayezigqokile ngaphambi kokuthi ehliswe engakafiki lapho ayeya khona.
“Wagcina eshayiswa yizimoto engagqokile. Sisola ukuthi into aphuziswa yona yamdaka ngendlela yokuthi wagcina ebeka impilo yakhe engcupheni ngokungena emgwaqweni,” kusho uNksz Mbatha.
Uveze ukuthi umfowabo akusiye umuntu wokuqala ukutholakala efe ngendlela efanayo njengoba kukhona omunye waseMabedlana, khona oLundi, naye ofe kanje ngawo uDisemba.
“Sesisola ukuthi lezi zigebengu ziphume umkhankaso wokugebenga abantu ngokuthi zibadakise ngomuthi othile, zibaphuce izinto zabo, zibakhumule, zibehlise endaweni efanayo, bese zishaye zichithe, basale beshayiswa yizimoto,” kusho uNksz Mbatha.
Uveze ukuthi bona baze bamthola emakhazeni kahulumeni ngoDisemba 26, umufi emva kokusabalalisa ezinkundleni zokuxhumana ukuthi ulahlekile.
“Ingoduso yakhe iqale ukubona ngalo usuku lwesigameko ukuthi kukhona okushaya amanzi ngesikhathi imshayela, ucingo lwakhe lungasangeni,” usho kanje.
Uthe yagcina itshela amanye amalungu omndeni ukuthi ayisamtholi ocingweni, ngakusasa kwabe sekubhalwa ezinkundleni zokuxhumana ukuthi ulahlekile.
“Sacinga nasezibhedlela nakwamanye amakhaza, lutho ukumthola. Kuthe ngokuqhubeka kwezinsuku, sabe sesishayelwa ngamaphoyisa, ethi kukhona okufanele siyombheka emakhazeni asoLundi, sibheke ukuthi akuyena yini. Nebala sathola ukuthi uye.
“Sixwayisa abantu ukuthi baqaphele indaba yokugitshezwa yizimoto abangazazi. Ukube kuya ngami bengizothi kwakhona ukuma emgwaqweni ucele ukugitshezwa akuyekwe ngoba akusaphephile,” kusho uNksz Mbatha.
Amaphoyisa abengakayiphenduli imibuzo athunyelwe yona ngalolu daba.