IWUTHUSILE umndeni kalowo owayengunozinti weBafana Bafana, uSenzo Meyiwa, indlela athule ngayo ubufakazi bakhe enkantolo owayengumngani omkhulu wakhe, uTumelo Madlala.
Isolezwe lixoxe nodadewabo kaMeyiwa, uNksz Nomalanga Meyiwa, okunguyena nabanye bomndeni wakwaMeyiwa abathamele ukuqulwa kwaleli cala eNkantolo eNkulu ePitoli.
Ekhuluma neSolezwe izolo, uthe bebengayilindele nhlobo indlela uMadlala aziphethe ngayo nathule ngayo ubufakazi.
UMadlala oqale ukuphekwa ngemibuzo kuleli sonto ngummeli wommangalelwa wesihlanu uAdv Zandile Mshololo, ogcine ephothulile izolo ntambama, kulindeleke ukuthi umshushisi aqhubeke amfake eminye imibuzo namuhla, ukuze acacise ubufakazi bakhe.
UNomalanga uthe bebenethemba lokuthi bazothola izimpendulo emibuzweni eminingi abanayo bewumndeni, njengoba uMadlala wayengumngani omkhulu kamfowabo, futhi wayekade ekhona mhlazane ebulawa, kodwa ubufakazi bakhe kubashiye nejoka elikhulu, nemibuzo eminingi.
“Besilindele ukuthi uzokhuuma iqiniso anikeze ubufakazi obuyibo mayelana nokuthi ubani owadubula uSenzo. Kodwa indlela enze ngayo isishiya sishaqekile,’’ kusho yena.
Ubuye wasola nolaka lukaMadlala wathi inkukhu iyawusola umgqakazo.
“Indlela anolaka ngayo, sicabanga ukuthi kukhona umuntu amfihlayo,” kusho uNomlanga.
Uthe ubekhona ubenomunyu ngesikhathi kucashunwa embikweni ka kadokotela, kwavezwa nemininingwane yezinto ezatholwa ngesikhathi kuhlolwa isidumbu somfowabo.
“Kungicacele ukuthi yize sekuneminyaka wasishiya, kodwa ukuzwa ngesidumbu sakhe nangendlela abulawa ngayo, kungivusele umunyu nosizi, amanxeba askude ukuphola,,” kusho uNomlanga.
Ummeli kamsolwa wesihlanu, u-Adv Zandile Mshololo, ecaphuna isitatimende sikadokotela owahlola isidumbu, uveze ukuthi inxeba likhombisa ukuthi umufi wadutshulwa umuntu owangaphambi kwakhe, hhayi ngemuva kwakhe.
Uqhubekile uMshololo wathi ngokokukadokotela, inhlamvu yangena ngaphambili yaze yaphuma ngemuva emhlane.
Lobu bufakazi buyashayisana nalobo obethulwe uMadlala kuleli sonto obudweba isithombe sokuthi umufi wadutshulwa umsolwa wokuqala amshiya ehlanganyelwa yizelamani zakwaKhumalo uKelly noZandie ngesikhathi yena esukuma ebaleka ebheke ngasemnyango wasekhishini, lapho athi wafica khona umufi ecindezele umsolwa wesibili odongweni.
UMshololo ubuye waletha ungabazane ebufakazini bukaMadlala ngesikhathi eveza okushiwo yisitatimende sikamakhelwane wakwaKhumalo, uKhaya Ngcatse.
Esitatimendeni sikaNgcatse kuvele ukuthi wezwa umsindo owawuzwakala kwaKhumalo.
Uthe waqala wazitshela ukuthi kunomcimbi kodwa wathi uma elalelisisa kahle wezwa ukuthi kunabantu abaxabanayo. Uthe yilapho alunguza khona ngewindi wase ebona umhlane womuntu owayegqoke isikibha esimhlophe.
UMshololo ukhumbuze uMadlala ukuthi uyakhumbula yini ukuthi ebufakazini abethulile uveze ukuthi umufi owayegqoke isikibha esimhlophe?
Uphinde wambuza uMadlala ukuthi kungenzeka yini ukuthi indlela aphendula ngayo uzama kunikeza izimpendulo ezingamvezi njengomunye wabasolwa kwelokubulawa kukaSenzo?
Lezi zitatimende zombili uMshololo ubekade ezithathela edokodweni lesibili lapho uMadlala nabanye ababesendlini bengabasolwa kuleli cala. Lokhu inkantolo ikuchithile, yathi uMshololo angeke akwazi ukubuza ufakazi ngazo ngoba akayena uchwepheshe ukuthi angaphendula ngokwatholwa ngudokotela, futhi angeke akwazi ukusebenzisa izitatimende eziqhukethwe edokodweni lesibili, elingeyona ingxenye yecala.
Eziphendulela uMadlala uthe: “Akukho engikufihlayo, uma nami kuthiwa angiye ejele, ngizoya.”
Mayelana naleli dokodo okusalindeleke ukuthi uMqondisi ehhovisini lezokushushwiswa komphakathi athathe isinqumo ngalo, umshushisi, Advocate George Baloyi, usheshe wakuphikisa ukuhlonywa kwemibuzo kukafakazi kusetshenziswa lona.
UMshololo ushiye imibuzo engaphenduleki ngoLongwe Twala okuvela ukuthi waphuma eyishodi endlini ewumuntu oyofuna usizo kodwa akukho lapho okuvela khona ukuthi ukhona yini umakhelwane owambiza noma amaphoyisa awathinta. Akucaci nokuthi wanyamalala wayaphi ngemuva kwesigameko ngoba akaveli nakubantu okuthiwa babephuthumisa uSenzo esibhedlela.
Leli cala liyaqhubeka namhlanje.