LUVELE lwamsefa ulwandle ummeli uMnuz Sipho Ramosepele, odilizwe wummangalelwa wokuqala ecaleni lokufa kukaSenzo Meyiwa, uMuzikawukhulelwa Sibiya. UMeyiwa owayeyisilomo se-Orlando Pirates neBafana Bafana, wadutshulwa wabulawa ekubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo eVosloorus, ngo-2014.
Icala belibuyele eNkantolo eNkulu ePitoli, izolo, lapho bekulindeleke ukuthi kuqhubeke izethulo maqondana nezitatimende zabamangalelwa. Icala laliguqe ngenyanga edlule ukunika izinhlangothi; oloMbuso nolwabameli ithuba lokufaka amaphepha.
Icala lisesigabeni lapho kubangwa khona ukuthi izitatimende ezasayinwa abasolwa kufanele yini zamukelwe njengobufakazi benkantolo. Abameli bafaka isicelo sokuthi zichithwe izitatimende ngoba abamangalelwa bashawa baphoqwa ukuzisayina.
Bekulindeleke ukuthi izinhlangothi zenze izethulo zokuvala bese zishiyela ezandleni zeJaji uRatha Makgoatlheng ukuthi linqume ngezitatimende. Kube nokubambezeleka isikhathi eside icala lingaqali kungacaci ukuthi kwenzenjani.
Kuthe ngesikade bengena abamangalelwa bethushuka ekhulukuthu, beshaya kancane beluswe wojele. Ummeli u-Advocate Thulani Mngomezulu utshele inkantolo ukuthi abeLegal Aid SA ngeke bamkhokhele futhi uSibiya useqashe yena wachitha uRamosepele.
“AbeLegal Aid bathe ngeke bangikhokhele ngomsebenzi wami kulesi sigaba sokubangwa kwezitatimende. Ngithintwe wuninalume kammangalelwa wathi ucela ngibe wummeli ozimele uzongikhokhela,’’ kusho uMngomezulu.
USibiya ubuziwe ukuthi useyamchitha yini uRamosepele, wavuma wathi kunjalo impela usehamba noMngomezulu. URamosepele ukuqinisekisile naye lokho, wathi injalo indaba.
“Nkosi yenkantolo kunjalo ngiyafakaza kulokho, kodwa ngisazoqhubeka nokumela ummangalelwa wesibili uNtanzi kulolu daba,’’ kusho uRamosepele. URamosepele uxoshwa nje, wayevale isikhala emuva kokuhoxa kukaMnuz Malesela Teffo.
URamasepele wapika uMngomezulu sekufike esigabeni sesicelo sokuchithwa kwezitatimende njengoba esexoshwa. UMngomezulu uthe izinguquko zenzeka khonamanjalo, ngeke kusapholiswa maseko.
Uthe uSibiya umyalele ukuthi afake isicelo sokuthi abize ofakazi abangamaphoyisa abazofakaza odabeni lwezitatimende. Kugagulwe uColonel Leshabane, uGeneral Sibiya noWarrant Officer Makhubo ukuthi bazobizwa bezofakaza.
UMshushisi woMbuso u-Advocate George Baloyi ukhombise ukungakwenameli konke lokhu ekhala ngokuthi kuyaphazamisa.
Konke lokhu kuphoqe ukuthi lihlehle icala ngoba uMngomezulu uthe usadinga isikhathi sokuqedela amaphepha azowafaka abize nofakazi. Kulindeleke ukuthi icala libuyele enkantolo ngoLwesithathu.