Zindziswa Zindzi Mandela
Wazalwa ngoDisemba 23 1960
Ezalelwa eSoweto.
Uyindodakazi yokugcina yowayenguMengameli waseNingizimu Afrika, uMnuz Nelson Mandela nesishoshovu somzabalazo uNkk Winnie Madikizela-Mandela.
Ushone ziwu 13 Julayi 2020.
Ushiye emhlabeni izingane ezine okunguZoleka Mandela, Zondwa Mandela, Bambatha Mandela noZwelabo Mandela.
Wayeshade noMnuz Zwelibanzi Hlongwane kodwa bahlukanisa.
Ubuye washada nesishoshovu se-ANC, uMnuz Molapo Motlhajwa ngo-2013.
Ushone eyinxusa laseNingizimu Afrika eDenmark.
Ubeneziqu zomthetho azenza eNyuvesi yaseCape Town.
Ubebuye abhale izinkondlo. Ezinye zazo zashicilelwa encwadini esihloko sithi Black as Iam ngo-1978 nakwenye esihloko sithi: Somehow We Survive:An Anthology of South African Writing.
Wayehamba phambili emkhankasweni wokuthi kukhululwe uyise uNelson Mandela waze wafunda nomyalezo kayise ngo-1985 enkundleni yezemidlalo eJabulani, eSoweto, lapho uyise wayechitha khona imibandela yokuthi akhululwe ayeyibekelwa owayengumongameli wezwe, uPW Botha.
Ngaleso sikhathi umbuso wobandlululo wawuthi uzokhulula uyise uma eziqhelelanisa nodlame.
UZindzi ubengumuntu ongasabi ukuveza imibono yakhe. Ngonyaka odlule waxwayisa abangabuboni ububi bobandlululo ngokuthi siphelile isikhathi sabo ngoba umhlaba ngowabantu.
Isexwayiso sakhe sasusa ukukhuluma kukhona abahambisana naye kodwa abanye bethi akaxolise. Abaningi okubalwa kubo noNgqongqoshe wezangaphandle, uNkk Naledi Pandor, bathe kufanele akhunjulwe njengeqhawe.