UTHEMBISA ukusebenza ngokuzinikela nokubambisana nezinhlaka zenyuvesi, owesifazane wokuqala oqokelwe kwesokuba yiPhini likaShansela eMangosuthu University of Technology.
USolwazi Nokuthula Sibiya ongowokudabuka elokishini eMlaza okuyindawo eyakhele le nyuvesi, uqokelwe kulesi sikhundla emva kwamasonto ebambe kuso.
Ubebambe kulandela ukumiswa kowayeyibamba lePhini likaShansela uSolwazi Marcus Ramogale, nesinye isikhulu uMnuz Gona Govender okuvela encwadini eyaputshuka eyayibhalelwe abasebenzi ngaphakathi ukuthi bamiselwe ukwenza okungahambisani nenqubo yalesi sikhungo.
“Ngizizwa ngithobeke kakhulu ngokuhola isikhungo njengo-Vice Chancellor omusha. Lokhu kuqokwa, kuwukunqoba kwabesifazane abazimisele ukweqa imigoqo, bahole ngobuqotho. Ngizinikele ekwakheni umlando inyuvesi eziqhenya ngawo ngokusebenza ngokubambisana nabasebenzi, nezitshudeni ukuqinisekisa inqubekela phambili. Ngokusebenza ndawonye, sizokwakha inyuvesi ethuthukisa izitshudeni,” kusho uSolwazi Sibiya.
Isitatimende inyuvesi esithumelele abezindaba , sithe uSolwazi Sibiya uzoqala ngokusemthethweni emsebenzini wakhe ngoLwesine.
“Ukuqokwa kwakhe kufika esikhathini esibalulekile njengoba inyuvesi ihlose ukuqala kabusha kwezemfundo, ubuchwepheshe nokusebenzisana nomphakathi. Kusukela ngo-Ephreli, 2022 inyuvesi beyilokhu ingaphansi kweso lomlawuli ukuqinisekisa uzinzo nokuqhubeka kokusebenza kahle ngesikhathi ebesinezinselelo. Umsebenzi womlawuli bekuwukuqinisekisa ukuthi inyuvesi yenganyelwa ngendlela efanele futhi igcina izinga lokufunda liphezulu,” kusho isitatimende.
Sithe ubuholi bakhe akungabazeki ukuthi buzoletha amava adingekayo ekuqinisekiseni izinga eliphakeme lemfundo.
Ngokudabuka nokukhulela kwakhe eMlaza, le nyuvesi ikholwa ukuthi ukuqonda kangcono okudingwa umphakathi.
Okunye okuthiwa kuyizinhloso zakhe njengoba ethatha lesi sikhundla, ukuqinisa ezifundweni eziqinisekisa ukuthi izitshudeni ezithole iziqu kule nyuvesi ziphekeke ngendlela efanele ekwazi ukumelana nezidingo zekusasa.
Kuthiwa uzophinde aqinise amaxhama okuxhumana phakathi kwesikhungo nomphakathi, ngokuqala izinhlelo ezithile ezibandakanya amalungu omphakathi, nokuqinisa isiko lokuziqalela izinto ezintsha olugqugquzela ukucabanga kwizitshudeni.
Le nyuvesi eyethiwe ngegama lomsunguli we-IFP uMntwana uMangosuthu Buthelezi ongasekho, isineminyaka engu-45 yasungulwa njengoba isungulwe ngo-1979.