UMVIKELI woMphakathi U-Advocate Busisiwe Mkhwebane uvumelane nowayenguNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli uMnuz Fikile Mbalula ngokuthi akazange aphule mthetho ngokuhlinzeka uDkt Nkosazazana Dlamini Zuma ngabaqaphi be-VIP ngemuva kwehlandla lakhe ekubeni nguSihlalo we-African Union.
U-Adv Mkhwebane uchithe izinsolo zeDA zokuthi kwakungafanele uMbalula ahlinzeke uDkt Dlamini Zuma ngabaqaphi.
“Ngifinyelele esinqumeni sokuthi kwakufanele ukuthi uDkt Dlamini Zuma anikwe abaqaphi balolu hlobo ngokwemigomo ebekwe nguMnyango wezoBudlelwano naMazwe. Angisitholanga isizathu esiveza ukuthi kwakungafanele athole laba baqaphi," kusho umbiko ka-Adv Mkhwebane awukhiphe izolo ofundwe yiPhini lakhe * -Adv Kevin Malunga.
UMnuz Zakhele Mbhele weDA wasola uMbalula ngokuthi akazange alandele imigudu efanele ngesikhathi enika uDkt Dlamini Zuma abaqaphi ngoba wayengekho esikhundleni esiphezulu.
Wakhala ngokuthi kwakungamele anikwe abaqaphi beSAPS VIP Protection.
UMbhele wathi uMbalula wasebenzisa izinsolo zokuthi kunengozi eyayibhekene noDkt Dlamini Zuma, okwenza wanikwa abaqaphi ekubeni abantu bakuleli behlushwa izigebengu nsuku zonke.
Umbiko ka-Adv Mkhwebane uveze ukuthi izinsolo zokungaphephi kukaDkt Dlamini Zuma zashiwo ngabeState Security Agency neCrime Intelligence.
Uthe abaqaphi behliswa ngemuva kokuba kuvele ukuthi akasekho engozini enkulu futhi eseqokwe waba nguNgqongqoshe wezokuHlela eHhovisi likaMengameli.
Phambilini uDkt Dlamini Zuma wayebanga isikhundla sokuba ngumengameli we-ANC ngesikhathi kubhekwe engqungqutheleni kaKhongolose eNasrec ngoDisemba 2017. Wakhala ngaphansi ehlulwa nguMengameli Cyril Ramaphosa.
Komunye umbiko awukhiphile * -Adv Mkhwebane ugxeke uMnyango wezokuThutha neToyota South Africa ngokuhluleka ukuvikela abagibeli njengoba bengazange basheshe ukunqanda ukushintshwa kwama-panel van amaQuantum enziwe amatekisi okuthutha abantu.
Abalelwa ku-2 353 ama-panel van agunyazwa ukuthi athwale abantu abangu-16 ekubeni ayakhelwe ukuthwala abantu abathathu.
“Umnyango waxwayiswa ngalezi zimoto nokushintshwa kwazo kodwa awuzange uqinisekise ukuthi zonke zishintshwa ngendlela efanele. IToyota yayazi ukuthi izimoto ziyashintshwa, ayizange ithathe izinyathelo ezinqala ukuze izimoto zingashintshwa.”
Uthe lawa matekisi ayedala izingozi.
Ugxeke namabhange ukuthi ayenika abantu imali ukuze bawathenge ngaphandle kokuzibona izimoto.
“Amabhange awazange asize abanikazi bathole imali yabo uma esazi ukuthi kwakuthengwe izimoto ezashintshwa ngendlela engafanele. Kube nenkohlakalo ngoba lezi zimoto zabhaliswa kwi-eNatis ngabasebenzi bomnyango, yibona ababesekhaleni.”
Uthe abathintekayo kumele baboshwe.
Unxuse abaqondisi jikelele woMnyango wezokuThutha nabakwaToyota ukuthi basebenzisane ukuze lawo matekisi akhishwe emgwaqweni.