LISEMBHIDLANGWENI wokufundisa abazalwane ngokuphathwa kwezezimali ibandla iCity Church International (CCI), osekuphele iminyaka engu-15 lasungulwa.
Lokhu kudalulwe ngumholi webandla owaziwa ngezintshumayelo zakhe ezinohlonze, uMphostoli Phumlani Ngcobo, odume ngelikaPD.
UNgcobo uveze ukuthi basebenzisana nebhange iFNB, ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi lokhu abakwenzayo kuthela izithelo ezinhle.
"Kuyinto emqoka kakhulu ukuba abazalwane bafundiswe kabanzi ngokuphathwa kwezezimali. Abanye baze bangene ezinkingeni ngenxa yokuthi baphila impilo engaphezulu kweholo labo,'' echaza uMphostoli.
Ukhulume nangobumqoka bemfundo ebantwini abasha. Uthe kuleli bandla bakhuthaza abantu abasha ukuthi bafunde bagogode bangagcini nje ngeDiploma, ebese becabanga ukuthi sekwanele.
"Funda uthole iMasters, kulungile inqobo nje uma ufunde ngokwanele,'' echaza.
Ugcizelele ukuthi bayakholelwa ekulandweni kwabantu wathi yingakho bezoba nemvuselelo enkulu ngoNovemba 11 kuya ku-17, kwa-J, eMlaza
NgoNovemba 30, uhlaka lwamadoda lwaleli bandla iKingdom Men's league, lizokuba nesigcawu lapho elikhonzela khona kusukela ngo-9 ekuseni. Likhonzela ku-32 Melbourne Road, eThekwini.
NgoDisemba 13 kuya ku-15, lizobe linendumezulu yenkonzo yokubongwa komholi walo.
Kafushane ngebandla lisungulwe ngo-2009. Ligxile kakhulu ekukhuthazeni ubungcwele emalungwini alo. Likholelwa ekubunjweni kwemindeni.
Lishumayela kakhulu ngombuso. Selizakhele igama emphakathini ngohlaka lwalo lwangaphakathi lokunakekela abaswele olubizwa ngokuthi yiCare Givers.
UNgcobo uphinde abe nguSihlalo wenhlangano esabalalisa ivangeli eNingizimu Afrika yonkana, iKings Dominion Mandate (KDM).