UMKHULUMELI webandla lamaNazaretha ohlangothini lwaseBuhleni, uphumele obala wacacisa ukuthi umholi webandla akayihambi imingcwabo. UThokozani Mncwabe uthe ngisho noma kungashona inkosikazi yakhe noma ingane yakhe, ngeke aye emngcwabeni, lowo ngumthetho nje webandla lamaNazaretha.
“Ngingakuqinisekisa nje ukuthi Unyazi ngeke luye ekutshalweni koMntwana waKwaPhindangene, uMntwana uMangosuthu Buthelezi ozotshalwa ngoMgqibelo. Kodwa luzothumela amakhosi akwaShembe okuyiwona azomela ibandla,“ kuchaza uMncwabe.
Uphinde waveza ukuthi uShenge ubeyiSheshi kodwa kade elikhonzile nebandla lamaNazaretha. Uthe ngisho unina, uMntwana uMagogo wayelithanda, njengoba athi uma engabatholi abantwana waya Ekuphakameni, wahlangana noMqaliwendlela, uBhombela, okunguyena owamtshela ukuthi uzothola ingane enamandla, ezohola abantu iphinde futhi iphathe.
“UMtwana uMagogo wathi uma ehamba exoxela abantu, bavele bathi, lawo amangosuthu. UMntwana waKwaPhindangene wathi uma esezaliwe wethiwa igama elithi, Mangosuthu.