SEKUVELE ukuthi amakhosi esizwe asebandleni lamaNazaretha, abize umhlangano ophuthumayo efuna incazelo ngezindaba zokuthi uNyazilwezulu, luzivumele ngokwalo emaphepheni asenkantolo ukuthi alukhonjwanga nguThingolwenkosazana, ukuba luhole ibandla.
Lokhu kuvele ngenkathi uNyazilwezulu ludalula encwadini efungelwe ukuthi lwaqokwa yisigungu sebandla ngo-2018. Konke kwenzeka ngemva kokukhothama komholi, uVela Shembe Imisebeyelanga, okwaqinisekiswa yizinkantolo ukuthi waqokwa nguThingolwenkosazana.
“ Amakhosi akhathazekile ngalezi zindaba afuna nencazelo. Wona kade azi ukuthi waqokwa wuThingo kodwa kukhona abakokotela incwadi ekhomba ukuthi umholi osemthethweni yiMisebeyelanga. Lokho kuyinto ewathusile ngoba abelokhu azi ukuthi izinkantolo azilufuni uNyazi futhi zizama ukukhethela amaNazaretha umholi,” kusho umthombo.
UMnuz Lizwi Ncwane, oyisazi kwezomthetho noluleka abameli boNyazilwezulu, nowayekhona esigungwini esaphakamisa uNyazilwezulu ngo-2018, uthe akulona iqiniso ukuthi amakhosi abebize umhlangano.
“ Ebandleni kunenqubo yakhona esenza ngayo izinto. Umhlangano (obungeledlule) ubizwe yimina ngilandela inqubo yebandla. Inhloso yawo ukuchazela amakhosi ngokwenzekayo. Sizophinde sibe nomunye umhlangano nabefundisi sibachazela bese sazisa amalungu ebandla. Lokho kuyinqubo ejwayelekile nesemthethweni yebandla,” kusho uNcwane.
Uphinde wathi uNyazilwezulu akusho ukuthi aluqokwanga wuThingolwenkosazana kodwa luhlonipha isinqumo sezinkantolo esithi aluqokwanga yilo mholi osewakhothama, wathi nesigungu sebandla esaluqoka uNyazilwezulu, sisemthethweni.
UMshumayeli Chancey Sibisi, uthe ubonga ukuthi uNyazilwezulu luzivumela lona ukuthi aluqokwanga wuThingolwenkosazana.
“ Kudala ngibhecwa ngenhlamba kuthiwa yimina engakokotela incwadi eyaqoka umholi neyefa lebandla lamaNazaretha. Namhlanje liphumile iqina embizeni. Nesigungu sebandla okuthiwa saluqoka, asikho emthethweni. Yimina owayeqokwe ngokusemthethweni ukuhola isigungu sebandla yiNkosi Inyangayezulu. Abanye enganginabo abasekho emhlabeni kodwa amakhosi esizwe ayeyingxenye yaso wonke. Isigungu siqokwa wumholi webandla, lesi esiqoke uNyazi angisazi sibunjwe ngubani ngoba aluyena umholi ngoba kuphakamiswe igama lakhe ngo-2018. Nokumqoka kwaso ngo-2018 kusho kona ukuvuma ukuthi aluyena umholi ngoba icala lombango wobuholi liqale ngo-2011,” kusho uMshumayeli Sibisi.
Ohlwini lwamalungu esigungu okuthiwa yisona esaqinisekisa ukuqokwa koNyazilwezulu, ngokwamaminithi omhlangano wango-2018, kuvela igama leNkosi uMuntukazi T Nzuza, uMfu Mntokhona Mjadu, uMshumayeli Johnson Mjadu, uMvangeli Dumisani Ngcobo, uMvangeli Muntukakhohlwa Mkhwanazi, uMvangeli Thathani Vincent Mjiyakho, uMfu Mbongwa Friend Nzama, uMnuz Lizwi Ncwane noMnuz Siven Samuel.