UBONGA uNkulunkulu uMfundisi waseZayoni obegcotshwa waphinde wabopha elikasofa silahlane ngosuku olulodwa.
UMfu Mphiliseni Mthunzi ophinde abe ngumelaphi wendabuko, ubegcotshwa njengoPresiding Bishop webandla aliholayo, iMercy of God Church.
Leli bandla ulihola ngokubambisana nomkakhe, uNkk Sakhile Matsebula.
Usuku luqale ngokuthi emini laba ababili babophe ifindo lomshado phambi kwezinkumbi zamalungu aleli bandla. Bekukhona namanye amabandla abeyingxenye yale ndumezulu yomcimbi.
Umcimbi ubuqhubeka eWithok Estate eBrakpan, eGauteng. Bobabili benze izifungo zokuthi bazothembeka banakekelane futhi bahloniphane baze bahlukaniswe wukufa. Banikezwe nethuba lokuthi basho okusenhliziyweni yabo.
Ntambama kungene indumezulu yenkonzo lapho obesekugcotshwa khona uMthunzi esikhundleni sikaPresiding Bishop webandla.
UMthunzi ubonge uNkulunkulu ngokumbusisa ngohlobo lwamakholwa akhuthele futhi amazisayo uNkulunkulu.
Uthe uzizwa ethobekile ngokuhola abazalwane balolu hlobo. Uthe uyamthanda kakhulu uNkulunkulu yingakho elihlonipha nebandla alinikezwe nguNkulunkulu.
Obeqhuba inkonzo yokumgcoba ngu-Archbishop J Khumalo oyiNhloko yebandla, iRevival Catholic Church.
UKhumalo umdonse ngendlebe uMthunzi ngokuthi anyathele ngokukhulu ukucophelela kukhona konke akwenzayo.
"Njengoba sikugcoba kulesi sikhundla nje silindele ukukubona wenza lokhu uNkulunkulu akulindele kuwena, hhayi okunye esingakwazi,'' kuyala uKhumalo.
Leli bandla aliholayo uMthunzi linagamatsha kuzona zonke izifundazwe eNingizimu Afrika.
Kulo nyaka lihlanganisa iminyaka eyisishiyagalolunye labakhona njengoba lasungulwa ngo-2016, Julayi 17.
Emcimbini bekunezihambeli okubalwa uMnuz Jabulani Ngcobo wodumo lweCashFlow. Abalingani bakaMthunzi abalapha ngokwendabuko nabo bebephume ngobuningi babo bezomeseka.