UMFUNDISI webandla labasindisiwe, odayisa ngezimbiza zesintu, uthi akathakathi futhi akayona inyanga.
UPastor AB Zondi webandla i-Ekuphileni Community Church eSweetwaters, eMgungundlovu, usethole ukugxekwa zinkalo zonke, abefundisi namakholwa bemgxeka ngokuthi ukhomba indlela abuye ajike “ngobunyanga”.
Uthi lokhu kugxekwa sekumenze wahlamukwa yinqwaba yabazalwane, abazithola benokudideka ngezinto ezishiwo ngaye.
Lo mfundisi udayisa izimbiza okubalwa kuzo ezilapha isisu esikhiphayo, izilonda esiswini nokunye.
“Mina angiyona inyanga. Ngingumfundisi obuye aziphilise ngokuthi abe sebhizinisini lokudayisa imikhiqizo yemvelo esiza abantu. Angithakathi,” kusho uZondi.
NgokukaZondi, akawenzi amakhambi emvelo amayelana nokuthandwa yizintombi nokuwina amacala avamise ukuthakwa yizinyanga ngoba lokho kuyena kusuke kungahlukene nokuthakatha.
Uthe lezi zinkulumo zokuthakatha uzizwa kakhulu uma ehambele izimvuselelo lapho okudunyiswa khona uMdali.
NgokukaZondi, abefundisi bamsola ngokuthi uxuba inkolo nemithi, ngaleyo ndlela bamsola ngokuthi ivangeli alishumayelayo aliqondile.
“Amanye amalungu ebandla lami asehudula izinyawo ngenxa yezinkulumo ezingakhi azizwa zikhulunywa ngami ngabanye babefundisi,” kuzikhalela yena.
Uthi kuyamxaka lokhu ngoba abefundisi bahlale begxekwa ngokudla izimali zomnikelo, kungani kungamukeleki kuyena ukuthi ngaleli bhizinisi uyaziphilisa ngaphandle kokugqolozela umnikelo.
Nakuba kunjalo, uMbhishobhi Thanda Zulu webandla i-Utterances of His Voice, uthe umfundisi owenza izinto ezifana nalezi ugxamalaze kakhulu.
LELI ngelinye lamakhambi emvelo adayiswa nguPastor AB Zondi osezidalele amazinyo abushelelezi kwabanye abefundisi ngokudayisa amakhambi emvelo ebe engumfundisi
“Kungcono uma efuna ukuba yinyanga abe yinyanga, noma abe ngusomababhizinisi kuphela angakuxubi,” kusho uZulu.
Uthe kuyinkinga ukushumayeza abantu into ethile uthi iyaphilisa, gwiqiqi kusasa ususho okunye futhi uthi nakho kuyaphilisa.
Kodwa uZondi ukugcizelele ukuthi yena ukholelwa wukudla amandla akhe.
“Angifuni ukukhangezwa izimali zabantu. Ngikholelwa ekutheni uma ungumfundisi kumele uzondle,” usho njalo.
Uthe yena akalona uhlobo lwabefundisi oluze lushiye imisebenzi yalo ngoba lifuna ukondliwa yibandla.
Ebuzwa ukuthi ebandleni lakhe abanikeli yini abazalwane, uthe kuyenzeka banikele uma isidingo sikhona.
Umengameli wezinyanga, uMnuz Sazi Mhlongo, uthe abefundisi abagxeka le nceku ezizamelayo ngamakhambi esintu, kungcono bakuyeke ukushumayela ngoba kuyabehlula.
Uthe kuyaxaka okushiwo yilaba befundisi ngoba nomfundi kaJesu uLuka, naye wayesebenza ngamakhambi kodwa elishumayela izwi leNkosi.