IHLOME ngezikhulumi ezinohlonze ikhempu yabafana ehlelwe nguMfu Sizwe Manqele ophinde abe nguSihlalo wenhlangano eqhakambisa umkhuleko, iGap Standers Network.
UManqele uveze ukuthi ikhempu izothatha izinsuku ezimbili njengoba izoqala ngoSepthemba 20 iphothulwe ngakusasa, eMbumbulu College.
Isiqubulo sayo uthe sithi: Abafana Banamhlanje Bangamadoda akusasa.'
Phakathi kwezikhulumi okulindeleke ukuba zibe yingxenye yale khempu, kubalwa uPrince Nhlanganiso Zulu, Dkt Sibongiseni Dhlomo, uMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, uThabo Mnguni olingisa indawo kaMbatha kuZalo, yingwazi yebhola eseyawaphanyeka emgibeni amakhokho, uSiyabonga "Bhele" Nomvethe nabanye.
UManqele uthe inhlosongqangi yale khempu ukuqinisekisa ukuthi abafana bakhuliswa ngendlela efanele.
Uthe ziyakhathaza izigameko ezinyantisa igazi ezibandakanya abantu besilisa, wathi ukholwa ukuthi ugotshwa usemanzi. Uthe ikhempu yalolu hlobo ingahamba ibanga elide uma kukhulunywa ngekusasa labafana abasakhula.
Uveze ukuthi le khempu ufuna ukuyibona isabalala kuzona zonke izifundazwe eNingizimu Afrika ngokuhamba kwesikhathi.
Uthe kulokoza inhlansi yethemba ngokuthi bazozuza lukhulu bashintshe nendlela yokwenza izinto labo bafana abazoba nenhlanhla yokuthola ithuba lokuba yingxenye yekhempu.
“Ngifisa ukuthi le khempu yenze umehluko omkhulu kubafana abasakhula,’’ esho egcizelela.
UManqele ungumholi webandla iLife Grace Centre. Ngonyaka owedlule wakhala wemuka nendondo yeBest Community Radio Show ngohlelo lwakhe, iMvuselelo alwenza kwiMbokodo Fm.
Kukhuthazwa nabanye abafisa ukuhambisa izingane zabo zabafana ukuba bashayele kule nombolo: 083 762 3454.