UPHIKA ulala ngomhlane umfelokazi wephoyisa likaMasipala weTheku ukuthi walibulala, ubuza nokuthi ngubani owabona ekwenza lokho?
UNkk Faith Nongcebo Ntombela ungumsolwa wokuqala ecaleni lokubulawa komyeni wakhe, uCaptain Zwelakhe Thomas Ntombela, owayeyiphoyisa loMkhandlu weTheku, owadutshulwa phakathi nonyaka kade evala isango lomuzi wakwakhe okwa-S eMlaza, eningizimu yeTheku.
Waphuthunyiswa eSiphingo Medical Towers nokuyilapho ashonela khona.
UNkk Ntombela ubevele eNkantolo yeMantshi eMlaza nasolwa nabo, uKhulekani Cele, odonsa isigwebo ejele nothishomkhulu waseMpumlwane Primary, uMnuz Sibusiso Justice Khumalo. UNkk Ntombela noKhumalo bafake izicelo zebheyili ngemilomo yabameli babo.
Okuqaphelekile ukuthi uNkk Ntombela uqale phansi ukumamatheka njengoba ebebonakala ekhululekile.
Izintatheli zize zambingelela wavuma nje kahle kubonakala nokuthi ukhululekile.
Ummeli kaNkk Ntombela, uMnuz Ashwin Rughbeer, ufunde okubhalwe phansi aqinisekise ukuthi bekushiwo nguNkk Ntombela.
Okuqaphelekile kulokhu abekufunda ukuthi uNkk Ntombela uyazihlangula kwelokubulala umyeni wakhe.
"Mina naye bese sishade iminyaka eminingi kakhulu. Angikaze ngimbulale,'' usho kanje.
Unxuse inkantolo ukuba imdedele ngebheyili, wabeka izizathu ezahlukene.
Esinye sazo uthe kunengane yakhe yentombazane eneminyaka engu-21 ephila nokukhubazeka.
Uthe ukhathazekile kakhulu ngayo njengoba sekuphele isikhathi eside egqunywe esitokisini.
Ubalule nokuthi angeke aze aphazamise ukuqulwa kwecala ngoba akasiyena umuntu wodlame.
"Okunye okumqoka ukuthi kungokokuqala ukuba kube necala elinjengaleli engizithola ngilihamba enkantolo,'' echaza.
Uthembise ukuthi uma kwenzeka ethola ibheyili angeke aze alibalekele icala, ezeseka ngokuthi akanayo incwadi emvumela ukuba aphumele ngaphandle kwezwe.
UKhumalo ubemelwe nguNksz Nomfundo Mthethwa.
Ukhale ngokuthi ukugqunywa kwakhe isikhathi eside kakhulu esitokisini kuzoholela ekutheni agcine eselahlekelwa umsebenzi wakhe wobuthishanhloko.
"Kuningi okuzongilahlekela uma kuqhubeka ukugcinwa kwami ngaphakathi esitokisini. Nginezingane ezine nabazukulu ababili okumele ngibondle,’’ usho kanjena.
Uveze nokuthi unamanye amabhizinisi awenzayo ngale kokuba nguthisha.
Uthe ubuye enze nomsebenzi wokulungisa izimoto ezifile.
Uzichaze njengowesilisa olungile futhi onendima enkulu ayiklamayo emphakathini akuwona.
Lokhu uthe kufakazelwa nawukuthi kunamalungu omphakathi awalekelelayo ukuze aphile.
Uthe kunaneqembu lebhola alesekayo. UMshushisi, uMnuz Nhlanhla Sabatha, ucele ukuthi leli cala lihlehliselwe uDisemba 8.
IMantshi, uMnuz Ngcobo, ikuvumile lokho.
Icala likaCele lihlehliselwe uJanuwari 30 wangonyaka ozayo.
Bobathathu abasolwa babanjwa ngamaphoyisa ngemuva kokuba begagulwe ngamagama nguMzo Ntombela oyinkabi eyagonyuluka maqede yagwetshwa.
Le nkabi, okuyiyona eyadubula umufi, yaveza ukuthi yayithenjiswe imali eshisiwe ukwenza lokhu.
Njengenjwayelo ngaphandle kwenkantolo bebebaningi ebebezokweseka umndeni kamufi.