UNOVALO lokuthi kuzovaleka zonke izimali zakhe umfelokazi wasePhoenix, eThekwini, osebhalwe kwabafile eMnyangweni wezaseKhaya ngenxa yabebezama ukumqola umshwalense wakhe wokungcwaba.
UNkk Senziwe Maphumulo (60), uthisha osethathe umhlalaphansi, uthuke woma ebona nesitifiketi soMnyango wezaseKhaya esiqinisekisa ukuthi wafa ngoFebhuwari 13.
Isitifiketi sikhomba ukuthi sakhishwa emahhovisi oMnyango wezaseKhaya eGauteng ngoFebhuwari 17.
UNkk Maphumulo uthe kumshwalense wakhe wayebhale indodana yakhe ukuthi igunyazwe ukuhlomula uma eshona, okuyiyona eshayelwe ucingo ngabaphenyi bomshwalense bebika ngalolu daba.
Uveze ukuthi ngesikhathi inkampani yomshwalense ithola isicelo sokukhokhelwa koshonile, ibone kukhona okusolisayo nokushayisanayo yathinta indodana yakhe.
“Imali obekumele iphume ibisingaphezu kukaR80 000 ukube bagcine bekwazile ukufaka isicelo saphumelela. Ngimangazwa wukuthi bayithole kanjani yonke imininingwane yami neyendodana. Ngisho inombolo kamazisi ngeyami,” kusho uNkk Maphumulo.
UNkk Maphumulo uthe emuva kokuzwa lokhu uphuthume emahhovisi omnyango aseMngeni, eThekwini, eyobika ngoFebhuwari 28. Yilapho kufike kwaqinisekiswa khona ukuthi usebhalwe kwabangasawadli anhlamvana.
Uyalelwe nokuthi ayovula icala emaphoyiseni ngoba lokhu kuhambisana nokukhwabanisa.
Okumkhathaza kakhulu wukuthi kunemali ayithola njalo ngenyanga esikhwameni sempesheni kahulumeni ngoba ubenguthisha.
Uthe uthola neyomyeni wakhe ongasekho, naye obesebenza kuhulumeni.
“Kuyacaca ukuthi imali yami izovaleka ngoba sengibhalwe kwabafile. Angisalali nasebusuku yimicabango. Bengingakwazi nokukhuluma ngisanda kuyizwa indlela engihlukumezeke ngayo emoyeni. Angikaze ngilubeke ngisho lapho okuvela ukuthi ngashonela khona.”
Uthe wagcina ukufaka isicelo kumshwalense ngo-2018 kushone udadewabo, athe nguye owayebhalwe ukugcina amafa akhe. Usesola nokuthi kungenzeka ukuthi abamqolile basebenzise leyo mininingwane yakhe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe kuvulwe icala lokukhwabanisa esiteshini iDurban Central, emuva kokusetshenziswa kwemininingwane kamazisi yommangali ukufaka isicelo sokukhokhelwa umshwalense.