CELANI SIKHAKHANE
U MHOLI we-IFP uMntwana Mangosuthu Buthelezi uthi umangazwe nguSihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, ngokuhlaba ikhwelo lokuba abuyele kuKhongolose ekubeni eminyakeni edlule wamenza ihlaya, emchaza njengomuntu ongaselutho ngoba ekhale ngenkohlakalo ye-ANC kubaholi bendabuko.
UButhelezi ukusho lokhu ephawula ngenkulumo kaZikalala ayenze emcimbini we-ANC obuseClermont ngeSonto, wokugubha iminyaka engu-104 kwasungulwa le nhlangano.
“Kunesisho esithi usuku lude kakhulu kwezombusazwe,” kusho uButhelezi. Uthe eminyakeni embalwa edlule, kuthe uma ekhala ngenkohlakalo eyayenziwa yi-ANC iyenga abaholi bendabuko esifundazweni ngoba ifuna ukubazuza, uZikalala wavele wasiphendula ihlaya isikhalo sakhe.
“Waze watshela i-IFP wathi ayivale umlomo. Namhlanje usethi uyangimema ukuba ‘ngibuyele ekhaya’ ku-ANC. Ngiyafisa ukumkholwa kodwa uma ngicabanga izinto azikhulume ngami nezenziwe ngabanye abaholi be-ANC kimi, ikakhulukazi laba baKwaZulu-Natal, kunzima,” kusho uButhelezi.
Ubuye wezwakalisa ukucasuka kwakhe ngegama lesingisi elasetshenziswa uZikalala lokuthi “Chief Buthelezi”, wathi akalifuni ngoba elangezikhathi zobandlululo futhi lalisetshenziswa wumbuso wamaKoloni ukubukela phansi ubuholi bendabuko.
Uthe leli gama lavalwa ngesikhathi sombuso kahulumeni waKwaZulu, kodwa uyathuka uma uZikalala eqhubeka nokulisebenzisa ekubeni ethi ufuna abuyele ku-ANC. Uthe uyadumala uma liqhubeka ukusetshenziswa yi-ANC ekubeni izama nokuzuza izinhliziyo zabaholi bendabuko.
“Kusho ukuthi naseSilweni samabandla uZikalala angasibiza ngokuthi yiParamount Chief? La magama asesetshenziswa manje ngoba kweyiswa ubuholi bendabuko noma ebukelwa phansi. Empeleni kunzima ngempela ukukholwa ukuthi uZikalala uqinisile ukuthi ufuna ngibuye ku-ANC uma esakhuluma kanje.
“Kuyiqiniso ukuthi ngiphuma kuyo i-ANC, futhi angikaze ngikufihle ukuthi Inkatha yasungulelwa ngaphansi kwemigomo ye-ANC ka-1912. Ngisho kwayona i-ANC yasungulwa ngumalume wami uDkt Pixley ka-Isaka Seme. Nokho kuningi okwenziwe ngabanye abaholi be-ANC bezama ukungibeka kabi emphakathini. Ngo-1979 ngaba nomhlangano no-O.R. Tambo eLondon, owathatha izinsuku ezimbili nohhafu, kodwa kwathi uma ngibuya lapho i-ANC yaphika yathi ngamanga lawo, awukaze ube khona lowo mhlangano. Ngisho ukuba khona kukahulumeni waKwaZulu kwaba yisivumelwano esasenza naye uTambo ukuze silwe nohulumeni wengcindezelo singaphakathi njenge-IFP,” kusho uButhelezi.
Ethintwa uZikalala uthe bayabuhlonipha kakhulu ubuholi bendabuko, waphinde wathi bazimisele ekutheni kubuyiswane ne-IFP kodwa bafisa uButhelezi abuyele ku-ANC ukuze zonke lezo zinto zilungiswe ngaphakathi.
UButhelezi uthe baningi abantu be-IFP nabe-ANC ababulawa ngezikhathi zodlame lomnyama nomnyama, kodwa kumanje abaholi be-ANC bancamela ukwenza izikhumbuzo zabalandeli be-ANC kuphela.
Uveze nokuthi ngisho uDkt Nelson Mandela ngesikhathi ephuma ejele, efuna ukuba bayokhuluma nabantu be-ANC ne-IFP ukuze kube nokubuyisana kula maqembu, kodwa abaholi be-ANC baseKZN banqaba.
Uthe nangesikhathi uMnuz Thabo Mbeki emcela ukuba abe yiphini lakhe likaMengameli wezwe, i-ANC KwaZulu-Natal yanqaba, yathi kungenzeka lokho kuphela uma i-IFP inikela ngesikhundla sikaNdunankulu eKZN, njengoba kuyiyo eyayiphethe isifundazwe ngaleso sikhathi.
Uthe zonke lezi zinto azibalayo zenza kube nzima ukukholwa inkulumo kaZikalala ukuthi ngempela iyiqiniso uma efuna abuyele ku-ANC.
Uqhube wathi, abaholi abafana noMbeki noMandela bame naye ezikhathini eziningi bengenankinga kodwa abaseKZN bebengakufuni lokhu.
Uthe nangesikhathi uMandela ephuma ejele wambonga embuthanweni we-ANC ukuthi ube neqhaza ukuba aphume ejele kodwa abantu bakaKhongolose bamhhewula bengakufuni lokho.