SAPA
u MNDENI ka-Anni Dewani owabulawa ekwi-honeymoon awuboni umthetho uwusebenzele njengoba iNkantolo eNkulu yaseWestern Cape ihoxise icala lokumbulala ebelibhekene nomyeni wakhe, uShrien Dewani, izolo.
“Size lapha sifuna izimpendulo, size lapha sifuna iqiniso kodwa sigcine sithola eminye imibuzo,” kusho udadewabo ka-Anni, u-Ami Denborg, ekhulumela umndeni wakwaHindocha.
“Besifuna ukuzwa konke okwenzeka futhi ithemba ebesinalo lokuthi sizozwa konke yilo ebelenza siqhubeke nempilo njengomndeni.”
Uthe sebekuphuciwe konke lokho.
Ubekhuluma ngaphandle kwenkantolo emuva kokuthi lo somabhizinisi waseBritain ephumelele ukuthi amacala abebekwe wona asulwe.
UShrien Dewani wafaka lesi sicelo emuva kokuthi uMbuso uphothule izethulo zawo akangenanga ebhokisini ukuzofakaza futhi akubanga khona muntu ongufakazi ohlangothini lwakhe njengommangalelwa.
“Abukho ubufakazi obungenza ukuthi umsolwa atholakale enecala,” lisho kanje iPhini leNhloko yamaJaji eWestern Cape uJeanette Traverso likhipha isinqumo.
UNkk Denborg uthe abakubo baphatheke kabi ukuthi uDewani akazange adalule konke ngempilo yakhe nokuthi kwenzekani ngesikhathi beskwi-honeymoon.
“Sifisa sengathi kungabe uShrien waba neqiniso kithina ikakhulukazi ku-Anni,” usho kanje.