ILUNGU lekomiti leMfundo eyisiSekelo ePhalamende, uMnuz Siphosethu Ngcobo, we-IFP, selifune ukwazi ukuthi yikuphi umnyango okwenzayo ukuqinisekisa ukuthi kuba nemidlalo ezikoleni ezingu-10 038 ezingenazo nhlobo izinkundla zokudlala kuleli.Lezi zikole iningi lazo lisemakhaya kanti kuleli zingu-23 275 izikole ezikhona.
UNgcobo ufune ukwazi ukuthi bukhona yini ubudlelwano obukhona neminye iminyango noma izinhlelo ezikhona zokuthi abafundi bagcine bebambe iqhaza kwezemidlalo.
UNgqongqoshe wezeMfundo, uNkk Angie Motshekga, uveze ukuthi basebenzisana noMnyango wezeMidlalo kanjalo nenhlangano eyengamele omasipala kuleli, iSalga, ukuze kusizakale lezo zikole ezingenazo izinkundla zemidlalo.
Uthe basebenzisa izinsiza zomasipala ngaphandle kokukhokha.
“Lezi zinsiza asizikhokheli mali ukuze sizisebenzise. Ngo-2018 sasayina isivumelwano sokusebenzisana phakathi komnyango wethu nowezemidlalo nenhlangano, iSport Trust, ukuze sisebenzise izinkundla zayo.”
Uthe banobudlelwano neSuperSport kanjalo ne-Unicef ukuze bakhe izinkundla zezemidlalo ezikoleni.
“Lezi zinkundla zizosetshenziswa nangezinye izikole. Kwezithinta ikhilikithi, sasayina isivumelwano neCricket South Africa ukuze sisheshise uhlelo lokuthuthukisa lo mdlalo ezikoleni. Sifuna ukuvuselela zonke izinhlobo zemidlalo ezikoleni zethu.”
Uthe ukuzibandakanya kwabafundi nemidlalo kubasiza kakhulu ezifundweni zabo.
“Benza kahle kakhulu labo abazibandakanya nezemidlalo. Abafundi baba nento abazoyenza ezobagcina bematasa.”
UNkk Motshekga ubuye waveza ukuthi izikole ezinguSection 21, kanjalo nezigungu ezilawulayo kulezi zikole, ziyazikhethela imidlalo ezodlalwa.
Uthe lokhu zikwenza ngokuvumelana nenhloko yomnyango.
Uveze ukuthi izigungu zezikole seziyingxenye yekomiti elihlanganisa uMnyango weMfundo eyiSisekelo nowezeMidlalo nezinyunyana zothisha ukuze kube nezinhlelo zemidlalo ezikoleni.
“Kunezinhlelo ezehlukene zemidlalo eziqala ezingeni lesekethe kuya kwisifunda kuze kufinyelele kuzwelonke lapho kubanjwa iqhaza emidlalweni ehlukene. Kuba nemidlalo yasehlobo, ebusika kanti kudlalwa izinto ezehlukene kusuka ebholeni, athletics, cricket, chess, gymnastics, swimming, softball, tennis, table-tennis, basketball, hockey, netball, rugby, volleyball, goal-ball neminye imidlalo yesintu.”