Sabelo Nsele
UMBIKO womlawuli eMsunduzi usuveze obala inkohlakalo yezigidi egubuzele lo masipala.
Ngokombiko ohlanganiswe nguMnuz Sicelo Duma, ongumlawuli kulo mkhandlu okhungethwe yizinkinga, kuvela ukuthi umkhandlu usulahlekelwe yizigidi zamaRandi ngenxa yenkohlakalo ethinta nabasebenzi bomkhandlu.
UDuma wathunyelwa nguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, ukuba ayotakula lo masipala.
Ngokombiko kaDuma, kunamacala enkohlakalo nokukhwabanisa angu-12 asebikwe emaphoyiseni.
Inani lemali elahlekile lifinyelela kuR40 million.
Umbiko uqhuba uthi kunezinsolo zenkohlakalo ezingu-44 esezivumbululwe wuphiko olucwaninga amabhuku ngaphakathi emkhandlwini.
Lolu phiko kuthiwa luphinde lwavundulula inkohlakalo ekusetshenzisweni kwemali yokusebenza isikhathi esengeziwe, okudle umasipala uR826 658 nokuntshontshwa kukaphethroli kaR1.5 million ngabasebenzi.
Uphinde washaywa ngemuva kwendlebe yinkampani okwakufanele yenze umsebenzi kaR35 million nogcine ngokucwila, kusho umbiko.
Umbiko kaDuma ubuye wayalela ukuthi umasipala ubale amakhanda abasebenzi bomkhandlu ngoba kuvela ukuthi uholela abantu abangaphezulu kwesibalo.
“Uma ngingenza isibonelelo, ngoMeyi waholela abantu abangu-4 897.
“Leli nani lashintsha ngoJuni kwaba ngu-4 796, ngoJulayi kwaba ngu-4 800, ngo-Agasti kwaba ngu-4779.
Umbiko ubuye waveza ukuthi umasipala ukweletwa izindodla ngabasebenzi namakhansela.
Kunomsebenzi oyedwa okweleta uR300 000.