SEKUQUBUKE umdonsiswano kumalungu e-IFP mayelana nezikhundla zobukhansela kuMasipala, uPhongolo.
Lo mdonsiswano uphoqe ukuthi kuhlehliswe umhlangano womkhandlu obuhlelelwe ukuba kufungiswe kuwona kabusha amakhansela, kalo masipala osenhla nesifundazwe iKwaZulu-Natal.
Uphinde waholela nasekutheni kuba nemibhikisho eze yachaphazela ukusebenza komgwaqo owuthelawayeka, uN2. Umsindo ususwe ukuphambana kwezinkomishi okwenzeka ohlwini olwahanjiswa yi-IFP enhlanganweni eyengamele ukhetho, i-Independent Electoral Commission (IEC), ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya.
Kulolu luhlu, abantu abebekhethwe yimiphakathi ukuba bamele leli qembu embangweni wamawadi akulo masipala, babengabonwa nangokhalo ohlwini lwabangenele ukhetho.
Ezikhaleni zabo kwakuvela abantu okufanele ngabe bangenele lolu khetho njengamakhansela ,angamaProportional Representatives (PR). Ngesikhathi iqembu libona leli phutha, lanxenxa amalungu alo ukuba aqhubeke avote khona kunjalo. Labe selithembisa ukuthi leli phutha lizolungiswa emva kokhetho.
Lesi sethembiso senziwa ngumengameli wenhlangano ngokuhlonishwa, Inkosi Mangosuthu Buthelezi, nomengameli wayo oyihalayo uMnuz Velenkosini Hlabisa, ababekhuluma embuthanweni owawuhanjelwe yizinkumbi zamalungu enhlangano ngaphambi kokhetho.
Nebala iqembu lakwazi ukunqoba amawadi angu-13 kwangu-15 kulo masipala. Manje amalungu afuna kulungiswe iphutha. Afunga ayagomela ukuthi ngeke avume ukuphathwa yila makhansela angene ngephutha ohlwini.
Umhlangano wokufungisa amakhansela amasha kulo masipala bekufanele ube ngoLwesithathu, kepha uhlehliselwe isonto elizayo ngenhloso yogwema ukuthi ungaphazamiseki.
Kube nemibiko yemibhikisho ngoLwesithathu ebusuku nangoLwesine ekuseni, lapho ababhikishi bevale umgwaqo owuthelawayeka, uN2. Omunye wababhikishi, ocele ukuba igama lakhe lingadalulwa, uthe ngeke bavume ukuba kufungiswe la makhansela.
Wathi bakhathazekile ngokuthi uma bengavumela la makhansela ukuba abaphathe, ngeke bazithole ngendlela izidingo.
“Okuyinkinga kakhulu ukuthi laba bantu bazophatha amawadi abangahlali kuwona. Kweyami nje iwadi, umuntu ozoyiphatha uhlala kwenye iwadi, eqhelelene kakhulu neyethu.
“Lokhu kuzokwenza ukuthi kube nzima ukuthi siyobikela ikhansela uma sinezinkinga. Ngicabanga ukuthi akazazi ngisho nezinkinga esibhekene nazo ewadini.”
Umbhikishi uthe bafuna kube nokhetho lokuchibiyela.
Okhulumela i-IFP, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, uzibophezele ekutheni lolu luhlu luzolungiswa njengokwethembisa kwesigungu esiphezulu senhlangano. Akazange echaze ukuthi luzolungiswa kanjani nokuthi nini.